... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Woza Uzophuza

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 7:37,38 Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi,aphuze. Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.”

Listen to the radio broadcast of

Woza Uzophuza


Download audio file

Sewake wavuka lusuku lumbe qede wathola ukuthi ukholo lwakho kuKhrestu lomile ,lome lumqwayiba ,ngendlela ongakaze uyazi ? Nakanjani sewuke waba kulesosimo ,nami ngokunjalo ! Umbuzo uthi … wenzeni ngalokho na?

Angazi kuwe kuhamba kanjani ,kodwa kimi,kwesinye isikhathi impilo iba matasa kakhulu,uzizwe uphansi ukhathele ,kuthi lokho okwakungubudlelwane obucebile ,obunamandla  obuchichima impilo noJesu  [nokufanele kube njalo ] uthole ukuthi sebunduvunduvu , abusekho kwisasasa elifanele.

Usuke ungazange wakuhlosa ukuba kube njalo.Akubi yinto ohlala phansi uyihlele ukuthi ayibe ngaleyondlela .Kodwa impilo inalomkhuba wayo wokukukhama kuze kube ngukuthi lobubudlelwane bakho neNkosi  sebomile nkwe –kumbe asithi kuzwakale bomile . 

Futhi ,okuthi ngenxa yalokho ,intokozo owawukade unawo ivese ihwamuke .Izinto owabe ukwazi ukuzenza egameni laKhe ,ukusebenzisa iziphiwo owaziphiwa nguNkulunkulu ,ukwenza inkonzo yobuhle kwabakuzungezile empilweni ,kuye ngokuya kuqina .Kukhona okwamele kwenzeke uma sekukulesosimo …Ngena Jesu : 

NgokukaJohane  7:37,38Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi,aphuze. Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.”

Impendulo kuleyondawo eyomile ,ikhambi lokuqeda lokho koma kwakho ,nguJesu uqobo lwakhe.Ngakube womile ? Yiza kuYe uzophuza …kuyophela sonke isomiso  ngamanzi aKhe okuphila ,akuyikuba kuphela kuze kube sewuphuze wadela waneliseka ,kodwa kuze kube ngukuba usube nobukhulu bukaMoya wakhe kuwe ngokungachazeki ,aze achichime kuwe ngokukapakayo.

Njengokuba omunye wake wathi uma nje uJesu ekuthe qhabu ngethamo elincane lamanzi kuba sengathi yimifula uqobo uma lelothamo livela kuYe  –imifula uqobo lwayo .Shlobo sami yiza kuJesu qede bese uyaphuza  .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.