... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukholo Olubuthaka ,Oluqhuzukayo ,Oluphansi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 17:5,6 Abaphostoli base bethi eNkosini: “Yandisa ukukholwa kwethu.” Yayisithi iNkosi: “Uma beninokukholwa okungangenhlamvu yesinaphi, beningasho kulo mthombe: ‘Simbuka, utshaleke elwandle,’ ubuyakunilalela.

Listen to the radio broadcast of

Ukholo Olubuthaka ,Oluqhuzukayo ,Oluphansi


Download audio file

Umhlobo wami u- Lowell Wertz, uneminyaka ela ko 40 eshumayela ezwenikazi i-Afrika .Izolo ngike ngaxoxa ngenselelo yakhe eyodwa abhekana nayo lakhona uNkulunkulu wayefuna ukholo kuye ,namhlanje ngithanda ukuxoxa ngeyesibili . 

Nakhu u- Lowell akubhala ekomkhulu leministry yakhe e Tanzania:

“Ngomunye u-December iministry yabe isezikweletini ezinkulu esasingakaze sibhekane nazo . U-Mindy [engicabanga yi – accountant yeministry ] wangithinta wathi sekonakele kakhulu  akusakoqozi esikoqokoqweni . Ngaphatheka kabi ngoba babeningi abantu ababedingile kakhulu ababelinde usizo kwi ministry yethu. Ngesikhathi ngiphuma endlini yethu ngiyohlangana nabo , [unkosikazi wami ] u-Claudia wathi, “Ungasebenzisi imali esingenayo [eqonde isikweletu] ngisashaya imoto ngiya khona ,ngangithandaza ,ngingazi ukuthi ngenze njani kulenkikalakayitheka esibhekene nayo . INkosi yakhuluma enhliziyweni yami — “Ngakubiza ukuba ube yisisebenzi sami. Hamba uyokwenza umsebenzi wami .” Ngokholo sabasiza labantu beNkosi ngemali esingenayo . Emva kwalokho kwangena umyalezo ovela ku -Mindy owawungakholakali . Wathi  kunento engavamile eyenzekayo . Ibhokisi laseposini  lethu laligcwele izipho ngokuphezu kokwake kwenzeka ! Saphetha lowonyaka sesinginasikweletu nesisodwa .Ukuphila okholweni akuyona i-licence yokuba yisiwula ,kodwa yisidingo  okumele ube naso ukuze wenze intando kaNkulunkulu– UNkulunkulu uyaluvuza ukholo olubuthaka ,oluqhuzukayo ,oluthobekile oluphansi .

Akulona iqiniso lelo ? UsoTheology nomfundisi u-Dr Barry Chant wake wathi uma sithatha igxathi siphuma ,uNkulunkulu  uthatha igxathi angenelele.Kodwa ngicela ukuthi ungakholwa nje yilababahlobo bami asebesiphe amandla okholo ngalobufakazi babo .Ungakholwa nje futhi okushiwo yimi . 

NgokukaLukha  17:5,6Abaphostoli base bethi eNkosini: “Yandisa ukukholwa kwethu.” 

Yayisithi iNkosi: “Uma beninokukholwa okungangenhlamvu yesinaphi, beningasho kulo mthombe: ‘Simbuka, utshaleke elwandle,’ ubuyakunilalela.

Kholwa nguJesu . Uyaluvuza ukholo olubuthaka ,oluqhuzukayo ,oluphansi . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.