... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Thethelanani

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 3:13 Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.

Listen to the radio broadcast of

Thethelanani


Download audio file

Ukudinwa ngumuzwa wenhliziyo oqubukayo kithi ezikhathini lakhona sizizwa soniwe,lakhona sithe masibuka  omunye umuntu sambona enze ubuphukuphuku ,yebo ….kungaba nangaziphi ezinye izizathu .Kungumuzwa oyimvelo. 

Kodwa nakuba kungumuzwa oyimvelo lo kunezingozi ezimbili ezikhona .Esokuqala esokuthi ngesikhathi sisafuthelana  ,singasho kumbe senze izinto ezingalimaza kakhulu ,ngeshwa ngeke usazibuyisa njengamaqubu enkukhu masephephukile .Okwesibili yilokhu kokuthi uma sivumela ukudinwa  kuzinze kithi ,kungaba yincithakalo enkulu engabolisa ingaphakathi lethu nendlela yokubuka izinto qede silinyalelwe ngubudlelwane nabaningi . 

Njengokuba umuzwa wokudinwa ungawumuzwa wemvelo ,kodwa uma siwulola uphenduka ube yisikhali sembubhiso i-Nuzi uqobo lwayo , .Ngakho ngixoxele sihlobo sami ukuthi esikhathini lakhona uzwa kuzimuka wonke umzimba kuwe kuvevezela umlomo  ngenxa yokudinwa ,yiyiphi indlela onayo yokwenza konke lokho kudinwa kudlule na?

KwabaseKolose  3:13 Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.

Ngempela ?Nibekezelelane ,nithethelelane .Kulula ukukusho lokho kunokwenzeka .Uma unomuzwa wokuthi kukhona okukhubile udinga ukumthethelela .Kuhle lokho kodwa kuyinkulumo esho ukuthi yenzani ayisho ukuthi ukwenze kanjani ? Ngesikhathi kuvutha umlilo ngaphakathi esikudinga kakhulu ngukuthi sizokwenza kanjani lokhu 

Yebo ,nansi la ikhona : njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. UJesu wanikela ngempilo yakhe esiphambanweni  esinobuhlungu nehlazo ukuze mina nawe sithole ukuthethelelwa .Ukuya esiphambanweni ngesikhathi kanye ibambene ngaphakathi yikho kanye okulikhambi ,yisisombulula esizikiza ukudinwa kwethu ;esisivumela ukuthethelela .Kuyilokho kanye okuyimpendulo besiyilangazelele yokuthi sizokwenza kanjani . 

Nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.