... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UNkulunkulu Makabe Nawe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KuThimothewu 4:16-18 Bangishiya; makungabalelwa kubo lokho; kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama. INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

Listen to the radio broadcast of

UNkulunkulu Makabe Nawe


Download audio file

Ukuphila nje usuku ngalunye ngalunye uhlonipha uNkulunkulu ,ulandela uJesu noma yikuphi akuholela khona , ukuma uqhele ebubini izwe elibuletha kithi obuza ngegama elimnandi lokuthi  elenza sengathi ‘sisezintweni’ ,lokho kungakwenza uzizwe unomzwangedwa usesiqhingini uqobo . 

Angikubingelele, angikwamukele futhi engosini e-FRESH ,nginguSbonelo BT Ngema ongumlomo ka -Berni Dymet we-Christianity Works.

Lobubi bokuzizwa ungaxhumene namuntu futhi ngenxa yenkambo ungunkunzi edla yodwana  akumele kukumangaze  ngesikhathi usaphila uphambene neningi ,ngesikhathi usahlonipha uNkulunkulu  phakathi kanye kwalomhlaba olahlekile .Ngoba akukho lutho olusha kunanoma yikuphi kwalokho . 

Eminyakeni eyalandela ukufa ,nokuvuka kunye nokwenyuka kukaJesu ngesikhathi ubuKhrestu babe buzalwa ebuJudeni –abanye babecabanga kuwukulahla ukuthi izindaba ezinhle zikaJesu zingashunyayezwa nabangesiwo AmaJuda /abezizwe.Phela engani AmaJuda ayeyisizwe esikhethiwe sikaNkulunkulu . 

Nokho ,sithola ukuthi uPhawuli umphostoli wayebizelwe ukushumayela izindaba ezinhle aziyise ngqo kwabezizwe .Nansi indlela okwenzeka ngayo  :

2 KuThimothewu 4:16-18Bangishiya; makungabalelwa kubo lokho;   kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama.

 INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

Ngesikhtahi usathobela ukulalela futhi uphila ngobumnene ukholo lwakho kuJesu Khrestu,ngesikhathi usaphila nezoni ungekho ekuzilahleni ngokuziphatha kwazo kodwa  ukuzicobelela izindaba ezinhle zothando lukaNkulunkulu ,ungamangali ngomzwangedwa  ozowuthola ,usishiwe ngohamba nabo.Futhi ungesabi .INkosi izokuthwala kuze kube sekugcineni .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.