Indawo Yakho Yokuphepha
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Amahubo 62:7,8 Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu,idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu .Thembani kuYe ngezikhathi zonke nina bantu ,nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe ;uNkulunkulu uyisiphephelo sethu .
Izolo sikhulumile ngezinhlupheko – inhlanhla yokuhluphekela uKhrestu ngesikhathi isibusiso sakhe kithi sigelezela kwabanye sikuzo kanye izinhlupheko .Futhi nebala kuyinhlanhla .Kodwa leloqiniso ukuso kanye lesosigaba senhlupheko aliwenzi umqondo .
Esikudingayo kanye kulesosikhathi senhlupheko kubili ;yiqiniso kunye nendlela enhle yokubhekana nayo . Ngoba uma sisekuhluphekeni ukholo lwethu luzwakala luntenga .Luba buthaka.Siyaqala sizingabaze kunye noNkulunkulu . Ngakho nakhu kokubili ,iqiniso kunye nendlela esebenzayo ,kuqhamuka endodeni eyabhekana nezinhlupheko ngaphezu kwakho kumbe angithi engingabazayo ukuthi uyoke udlule kuzo – INkosi uDavide :
Amahubo 62:7,8 Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu,idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu .Thembani kuYe ngezikhathi zonke nina bantu ,nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe ;uNkulunkulu uyisiphephelo sethu .
Iphuzu la ngukuthi icebo likaNkulunkulu ngawe ngukukwazi ukuzuza ukunqoba neqholo lokuhlonipheka ekugcineni . KuDavide kwabe kuchaza ukunqoba izitha zakhe qede ahlale esihlalweni sobukhosi buka –Israel. Kwesami nesakho isimo kusengachaza okunye okwehlukile ngokwezimo zethu. Kusengachaza ukuthi sizuze isibindi ebesingasazi sikhona kithina ; ukuthula okwedlula ukuqonda konke .
Noma ngabe kuwe kuchaza ukuthini kodwa iqiniso elimile elivela lapha ngukuthi uNkulunkulu uyiDwala lakho . Uyindawo yakho yokuphephela . Akanakugudluzwa .Ngeke ahluleke ukukumela .Ilapho nje ,fodo finishi.
Futhi indlela okuyiyo esizayo ngukubeka ithemba lakho kuNkulunkulu. Manje lokho kulula ukukusho ,kodwa kunzima kakhulu ukukwenza . Ngakho thululela inhliziyo yakho kuYe .Yebo shlobo sami mtshele zonke izinkinga zakho .Ngoba uyindawo yakho yokuphephela .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.