Yeka Umdlalo Wokuba Ngumduduli
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
2 KuThimothewu 2:20,21 Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo; ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle.
Sonke siseyizingane sawudlala umdlalo kamadudula ,sidudula abazali bethu sibaqondise ekhoneni sifuna lokhu nalokhu ngendlela yethu ,sifuna ukubona ukuthi bangaduduleleka baze bafike kuphi ukuze sibone bezwa thina .Konke kuyingxenye yokukhula .
Kodwa uma sesikhulile sonke sesigudlukile kulokho .Kodwa yeyi lutho wena ngiyakutshela ! Abaningi lomdlalo kamadudula bayawuqhuba sebewenza kuNkulunkulu ke manje .
Esikhundleni sokubuza , “Ngingamnika kanjani iqholo elikhulu ngaphezu kwakho konke?” kunalokho babuza ukuthi : “yini engingayithola kuYe?”
Sicabanga ukuthi uNkulunkulu uyisiwula ukuthi akaqapheli ukuthi kunemiphumela ? Iqiniso ngukuthi ubabekala okuhle kodwa labo abamnika iqholo.
2 KuThimothewu 2:20,21 Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo;ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle.
Ake siqale ngezitsha zemithi nezebumba ‘ezisebenzela okungahloniphekile’okungekho ezingeni eliphezulu. Lezo zitsha zisebenzela izinto ezingatheni .
Bese makuqhathansiwa lezi zegolide nezesiliva ,zibekwe eceleni njengezingcwele ,ezilusizo ezihloniphekile kuMnikazi ezilungele yonke imisebenzi emihle .
Manje ngesikhathi sisacabanga ngalezizitsha ake sibuyele kulendaba kamadudulana ,lakhona siphusha uNkulunkulu ukwenza okufunwa yithi ,sibuke ukuthi imingcele ikuphi
Umbuzo uthi : yisiphi isithombe kulezizitsha ongasixolela ngempilo yakho ? Kusobala angithi ? Ngakho uwuyeke lomdlalo wokududula .Zihlanze kulokho okungahloniphekile ,ngoba ndlela thizeni kunemiphumela.