Isimo Sengqondo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
1 EkaPhethru 4:10 Nikhonzane kube yilowo nalowo ngesipho asiphiweyo njengabaphathi abahle bomusa omninginingi kaNkulunkulu.
Umqondo wokuba yinceku ubukeka usuphashile kwiningi lethu.Lomqondo uya ngokuya ugqwala ezinsukwini zanamhlanje.Kodwa khona manjalo umuntu odlula bonke sebake bakhona emhlabeni ,wathi uze ukuzoba yinceku azokhonza hhayi kukhonzwe yena.Uyayizwa lendaba?
Akukhathalekile wenzani empilweni ,hlobo luni lomsebenzi okulo ,kodwa ungazithola ungasawujabuleli Abantu kwesinye isikhathi baye bathi kimi, “ hhayi ngeke akukwazi ukuba yiqiniso lokho.Bheka usemsakazweni zonke izinsuku .Lokho kungakuqeda kanjani isasasa uzizwe ungasakujabuleli?”
Yebo nebala ngiyawuthanda lomsebenzi weNkosi engikuwo,wokubhala ngethule ama scripts angamakhulu njalo ngonyaka.Yebo ngisho kungathiwa ukuthokozela kanjani kodwa kuyafika lakhona okwenzayo ungasenasasa lokukwenza.
Ake ucabange intokazi encane enephupho lokusebenza ngokuweta emabhanoyini.Lobo bumnandi bokuhuza ngamabhanoyi ihamba amazwe ngamazwe,amahora amade isemoyeni ,nabagibeli abafuna lokhuya bafune lokhuya ,ukuguquka kwezikhathi ,ukuba kude nekhaya….lento ide iqhubeka yenzeka usuku nosuku iyimpilo yayo.
Phambilini ngake ngaba sebhanoyini lakhona intokazi eyayenza lomsebenzi yayiwuthokozela kakhulu .Yayibaweta abantu igcwele ukumoyizela koqobo ,ingavesi ibaphonsele nje itray phambi kwabo.Kwakuyintakaso enkulu ukubona lentokazi yenza umsebenzi wayo ,qede ubone ukuthi kuqhamuka kude ekujuleni kokuziphatha kwayo [attitude].
1 EkaPhethru 4:10 Nikhonzane kube yilowo nalowo ngesipho asiphiweyo njengabaphathi abahle bomusa omninginingi kaNkulunkulu.
UNkulunkulu wasenza sonke ngamunye ngesiphiwo esikhethekile futhi uma sisebenzisa lesiphiwo ngentokozo nokubonga kwenhliziyo,siba yisibusiso esingakholakaliyo ,hhayi kithi nje kuphela kodwa kubo bonke esisondela kubona abasihaqile.
Yonke indaba inge- attitude yakho.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..