... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuphelelwa Amagama

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 8:26 Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu,ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo,kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa.

Listen to the radio broadcast of

Ukuphelelwa Amagama


Download audio file

Siphila emhlabeni othwesana izimpaphe zegwalagwala mawenze kahle.Siphila emhlabeni lakhona okumele ufunde ukuneliseka ngokuziqhwandela.Siphila emhlabeni esifundiswe kuwona ukuthi impumelelo incike kithina.

Kodwa kwesinye isikhathi empilweni kubuhlungu ukuthi sike siphelelwe ngamagama .Kumbe uthole ukuthi izinto ziyingxovangxovane yesiphithiphithi sigcine singazi  ingempela nakuNkululunkulu sizothini kuYe ,sithandaze kanjani,siceleni kanjani .

Sewake waba sesimweni esinjalo sokudideka? Uthole ukuthi ubuhlungu bunkenketha ngalendlela yokuthi sengathi ungavese ugongobale uhlale khona lapho ungabe usazi nokuthi uthandaze kanjani.Uyakufuna khona ,kodwa kuphele wona amagama.Okukhona kugcwele ukububula kokugquma phaqa ngaphakathi kuwe.

Eminyakeni ecela kwengu 2000 umphostoli uPhawuli wabhala cishe izincwadi eziwu half we Thestamente  Elisha-ezinye zazo enqunyelwe isigwebo sentambo ,edonsa estokisini.Ngakho alukho ungabazane lokuthi wayazi ukuthi yini  le akhuluma ngayo.Ngakho wabhala lamagama: 

KwabaseRoma 8:26 Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu,ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo,kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa.

Kulezokhathi lakhona ungazi kwakwazi uqale kuphi,yazi lokhu:akulele kuwe.Kahle hle kungokuhlukile kunalokho.

Ngesikhathi siphakamisa amehlo omphefumulo wethu siwabhekisa kuKhrestu ,uMoya Ongcwele uqobo lwakhe osinxuselayo …..ngokububula kokujula ngendlela engenakuphinyiselwa.Ngesikhathi sisagqolozele kuJesu phakathi nobuhlungu nokulahlekelwa okukuqeda amagama ongawasho ,uyabona sihlobo sami yiwona mkhuleko lowo lapho sekukhuleka uMoya ONgcwele kuwe .Kubiza lokho phaqa.UNkulunkulu uyasikhathalela kakhulu sihlobo.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge