... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UBufakazi Obunamandla

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 1:17 Fundani ukwenza okuhle ,nifune ukwahlulela ,niqondise abacindezeli,nahlulele izintandane ,nimele umfelokazi .

Listen to the radio broadcast of

UBufakazi Obunamandla


Download audio file

Ngesikhathi osopolitiki bengazi bagxumele kuyiphi ipolicy ebekwe esithebeni noma ethini , imvamisa bawela ekuzicabangeleni bona .Hhayi njalo kodwa imvamisa .

Kungani ukuzicabengela wena ngokukhala kahle kuwe ? Yingoba iningi lethu singene shi ekuzicabangeni thina kuphela . Uma kushawe inqubo entsha nguhulumeni omusha ,into yokuqala esizibuza yona ngethi , “Ingiphatheleni mina ,ichazani kimi ? Izoba namthelela muni ezinkululekweni zami ,ezezimali zami nempilo yami ?”

Ukuseka  ukuzicabangela wena kungenza uwine ukhetho ,kodwa imvamisa kuholela kwinqubo embi . Futhi lokho kuliqiniso nakweyethu impilo . Yebo sihlabeka umxhwele ngathi siqu ,ekugcineni okungasisizi kwathina . Mina nawe sidinga ukuqiniseka kunokudla okwanele etafuleni lethu , uphahla ekhanda lwethu ,imindeni yethu iphephile , nokuthi izingane zethu zisendleleni eyiyo njll. Akusikho ukuthi yinto le encane ….  … kodwa ngiyakutshela makuke nje kwadlula kulokho kucabanga kwezidingo zokuphila eziseqhulwini kusuke sekungene ukufuna kunokudingekile.

Ngifuna lokhu,ngifuna lokhuya ,ngifona lobuntofontofo ,ngifuna leyamoto lowamuzwi leye-device njll. Futhi lokho masisha kwenza ukuthi kubaleke kusithele izidingo zabanye abantu abasizungezile abanazo ,akwenzi njalo ? Bese kuyisikhathi sokuzifunda lesi:

Isaya 1:17 Fundani ukwenza okuhle ,nifune ukwahlulela ,niqondise abacindezeli,nahlulele izintandane ,nimele umfelokazi .

Kunabantu eduze kwethu ,kwami nawe abadinga usizo lwethu kakhulu . Kwesinye isikhathi akuyona nento enkulu ukuba nje ngowenza okuhle kubo , ngisho lokho kungabiza ukweqa ukuzifunela okwethu inqobo nje makuziguqula impilo yalomuntu . Kwesinye isikhathi kuphoqa ukuba sibhunkule sisukume sime qingqo .

Sihlobo sami ungavumi ukuba ngugombelakwesakho uze uxoshe ngisho  isihe sokuqalaza abanye abantu enhliziyweni yakho .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..