... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UKhrestu Kuwe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 15:4,5 Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo, kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi. “Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.

Listen to the radio broadcast of

UKhrestu Kuwe


Download audio file

Kulula ukukholwa nguJesu ,ngakolunye uhlangothi , kodwa futhi uphile impilo engahleli kuYe. Kube sengathi udonswa macala omabili ,okugcina sekumele kube khona okukodwa okuwinayo . 

Wonke umuntu okholwa nguJesu Khrestu useke wakuzwa lokho .Uzizwe sengathi ungumzenzisi ube  unguye ngempela . UMvangeli waseBrithani u- Smith Wigglesworth ukubeka kanjena lokhu :

Isizathu umhlaba ungamboni uJesu yingoba amaKhrestu awagcwele uJesu . Aneliswa ngukuya ezinkonzweni njalo ngesonto ,kunye nokufunda ibhayibheli ngalesosikhathi mayethanda .Kuyinto embi kimi ukubona abantu abazibiza ngamaKhrestu … bengenampilo ,bengenamandla ,besesikhundleni lakhona uhluleka nokusho umehluko phakathi kwabo nabangakholwa , noma kungaba senyameni noma emoyeni . 

Angazi ukuthi lokho ukuzwa kanjani ,ukuthi kwakhona kuyangena kuwe kuwe noma kudlula ngendlela  nje . 

Uma  kunjalo kuchaza ukuthi sekuyisikhathi manje sokwenza utho ngakho . Namhlanje wusuku lokubuyela ekuxhumaneni noJesu ngoba impendulo ikuye . UJesu ukubeka kanje :

NgokukaJohane  15:4,5  Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo, kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi. 

 “Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.

“Ukuhlala” yigama eliqinile leli . Uma sivuma ukuvumela uJesu ahlale kithi sihlale kuYe ,aguqule imicabango nezenzo zethu nakho konke ,kwenza sifane ncimishi nalomvini othela izithelo eziningi .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..