... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukumfinyizwa Okukhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KuThimothewu 3:12,13 Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa. Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.

Listen to the radio broadcast of

Ukumfinyizwa Okukhulu


Download audio file

Njengamanje labo bethu abakholwa nguJesu Khrestu bazizwa besekukhanyweni bamfinyizwa bafonqozwe  kakhulu. Kubukeka kusengathi emiphakathini esikuyo labo abamelene nevangeli bazihlele balibutho elingachazeki  ukwedlula zonke ezinye izikhathi.

Usuke waba nalowomuzwa nawe ? Futhi ngokwethembeka nje ,uma siqhubeka sibona uhulumeni ejobelela imithetho ekhinyabeza amalungelo ezenkolo , ngesikhathi siqhubeka sibona lelibutho lobubi liba nezwi elizwakalayo kunakuqala ,ngokunesihheshe ekuthuliseni izwi laMaKhrestu … kungaletha umuzwa osengathi bayawina .

Kunelanto evuka kithi ngaphakathi ekukhuluma okunje : Akumele kube njena! IUma uNkulunkulu eyiNkosi yamakhosi kungani engenzi lutho ngalokhu ? Kungani ngizizwa ngizingelwa kangaka ngokholo lwami ?

Kuncika ekutheni uhlala kuphi ,kungenzeka kuwe alukho olusha ngalokhu , kumbe uhlala emphakathini wakulelizwe lakithi elalikhuthaza ukuzwakala kwephimbo lobuKhrestu , 

mhlampe leligagasi lokuzingelwa elikhula mawala liza ngokukwethusa okukhulu… okungakho okudala lomuzwa wokumfinyizwa . 

Kodwa akumele sanhlobo  kuze ngokusimangalisa ,njengokuba eminyakeni eyizinkulungwane ezimibili ezedlula uPhawuli wabhalela uThimothewu  :

2 KuThimothewu  3:12,13Yebo,bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.  Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.

Ukucoshile lokho ? “bonke ” akekho osala ngaphandle lapha .Uma uzinikele ngokulangazelela kuKhrestu nakanjani uzozingelwa ,uzohlushwa. Futhi lokho kungukwenzeka kwezinto ziya ngokuya zidlubulundela ? Kuzwakala kanjalo ,angithi ? .

Kodwa nazi izindaba ezinhle .Laba  abantu ababi ,bazidlalela umasigcozi nje .  Phela Mzalwane wami ,khumbula ukuthi iNkosi yakho isesiHlalweni sokubusa ! Ayibongwe iNkosi ! 

Kukuleyoncindezi yokumfinyizwa kanye eshisayo ephendula amalahle abe yidayimane .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..