... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukunqoba Okubi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 37:34-36 Lindela uJehova ulonde indlela yakhe ,uzakukuphakamisa udle ifa lomhlaba,ubukele lapho ababi bechithwa khona .Ngambona omubi oyisidlova ezenabisile ,njengomuthi oluhlaza ogxilileyo,kwathi lapho umuntu edlula bheka wayengasekho ,ngamfuna ,kepha akabe esafunyanwa .

Listen to the radio broadcast of

Ukunqoba Okubi


Download audio file

Akukho ukushoda kwabantu ababi emhlabeni . Lutho sanhlobo .Okungakho kanye mhlampe bekungenzeka uzibuza kungani uthuka njalo uzingqubuza kubo usuku nosuku ,kungenxa yobuningi babo .

INkosi uDavide ibekwa njengenkosi enkulu yakwa Israel kuze kube kungena uJesu INkosi enkulu kunaye emva kweminyaka uDavide wabusa waphumula kobandayo.

Futhi enye yezinto engihlaba umxhwele ngukubhala kwalendoda okusembhalweni yayo ebizwa ngokuthi Amahubo esiyithola kwiThestamente Elidala . Manje amaHubo abe eyizinkondlo ezaziyingxenye yokuhlabelela okwakuhutshwa  ngama- Israel ekukhonzeni uNkulunkulu .

Okungakho esigcina sicabanga ukuthi amaHubo agcwele indumiso nokukhonza .

Nokho asibonge impilo uDavide ayiphila ,kunamaHubo amaningi okulila ngaphezu kwawendumiso . Futhi leyompilo yakhe enzima yayenziwa ngabantu abanzima ayephila eduze kwabo .

Okungakho lolucwezu lwenhlakanipho evela kuye lunamandla :

Amahubo  37:34-36 Lindela uJehova ulonde indlela yakhe ,uzakukuphakamisa udle ifa lomhlaba,ubukele lapho ababi bechithwa khona .Ngambona omubi oyisidlova ezenabisile ,njengomuthi oluhlaza ogxilileyo,kwathi lapho umuntu edlula bheka wayengasekho ,ngamfuna ,kepha akabe esafunyanwa .

Inhlakanipho enamandla nebala . Ungabavumeli abantu ababi empilweni yakho bakukhathaze ngisho bengabukeka beqine kangakanani .Qhubeka wenze lokho iNkosi ethi kwenze futhi ulinde usizo lwayo .Ungabi nakungabaza iNkosi izobasebenza Yona .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..