Konke Kuqala Enhliziyweni
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 27:19 Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,injalo inhliziyo yomuntu kumuntu .

Uma kungathiwa kunento esemqoka empilweni kunokunye ,yisidingo sokuba sithembeke kithina luqobo . Ukuzibona ukuthi singobani ,futhi sesiphenduke sangabantu abanjani yilokho obekuyisdingo esikhulu.
Angikubingelele,ngiphinde ngikwamukele futhi engosini e-FRESH ,nginguSbonelo BT Ngema ongumlomo ka -Berni Dymet we-Christianity Works.
Lomdla wokukwazi ukuma qede sibuke emumva sizibone singobani ,senzenjani kwisemumva lethu ,futhi yini esichukuluzayo ,angisho ukuthi kuyisipho soMdali asiphe sona ukuzijeqeza thina luqobo. Asikho isidalwa kulomhlaba esikwazi ukujeqeza sibuke emumva .
Nokho okubuhlungu ngukuthi yisipho lesi esisizibayo ,sivuke njalo ekuseni kube sengathi izolo akwenzekanga lutho akukho lutho esdinga ukubukisiswa ngeso lokubuka emumva qede sishinsthe imanje ukuze ikusasa libe ngelingcono .
Njalo ekuseni sizibuka ubuso esibukweni .Kodwa kunini lakhona sima qede sibuke kuqhubekani ezinhlizyweni zethu ? Kungani kuqhubeka kunjalo ? Sizibuke ngendlela yokuthi yini eyenzeka empilweni ,nokuthi singayiguqula kanjani ukuze sibe nenamhlanje elingcono . Hmm?
Izaga 27:19 Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,injalo inhliziyo yomuntu kumuntu .
Kune –risk ukuthi ngesikhathi iwashi liqhubeka lithi chi chi chi nelanga liphuma lishona hleze siwele ogibeni ngenxa yokungami sibuke isemumva . Kodwa konke esiyikho ,konke esikwenzayo kuqala enhliziyweni .
Inhliziyo iveza uhlobo lomuntu onguye .
Kuwe sihlobo sami ,uluhlobo luni lomuntu ? Impilo ikwenze yaluhlobo lomuntu onjani ? Ngakube uyilo ofuna ukuba nguyena , yiyona ndlela le ofuna ukuphila ngayo ? Ziphe ithuba ukucabange lokho …
Injalo inhliziyo yomuntu kumuntu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.