... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukulindela Okukhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 23:17,18 Inhliziyo yakho mayingabi namhawu ngezoni,kepha mawube sekumesabeni uJehova usuku lonke.Ngokuba impela umvuzo ukhona nethemba lakho aliyikunqunywa.

Listen to the radio broadcast of

Ukulindela Okukhulu


Download audio file

Uyazi ukuthi yini engiyizondayo ? Uyazi ukuthi yini engiyizonda ngempela? Yilakhona uma abantu ababi ,abaqhoqhobela abanye ,abantu abangathembekile  ,abanendlakadla  bebukeka bephumelela. Benza konke okuphambene ,baphule yonke imigudu kodwa uthole ukuthi uNkulunkulu uvese abayekele nje batininize .

Yebo impela ngiyakuzonda kakhulu lokho.Sonke siyakuzonda lokho ngoba kuzwisana ubuhlungu ngokwesakheko sethu sobulungiswa.Inkambo enhle  imele ukuthola umvuzo omuhle .Inkambo embi imelwe ukuvuzwa ngokubi.

Mangase kuthiwe nje umhlaba ubucacile  kanjalo nje ! Kodwa uthola ukuthi khona kunjalo ,amaqili nabaqambimanga ,nezindlambedlu zinyuka kalula empilweni  zizi zingene ezikhundleni zokuphatha  ezivelele zikhathi zonke. Ngeke awume kancane ,akuyona indlela le obekumele kube yiyona ! Kodwa manje ….nakhu sizithola sikuyo qobo.

Uma ubona lokhu kuqhubeka kwenzeka kungani ,uma ubona ukutanasa kwezigwili ezingalungile  nabadumile  bezuza ingcebo ngobuqili ,uvese usathane akuhlebele endlebeni  athi : “Nawe ungaba nakho konke lokhu abanakho ,woza nje kuphela uzongilandela .” Mhhh….uqale ube nokuhala …eyy mhlawumbe nami ngingaba nakho konke abanakho.

Kulapho kanye umoya wokuba nomhawu osutshalekile njalo.Kusebenza  kanjalo nje .USathane usilingela ukunyuka nathi sibe sezingeni labo ,kodwa okungukuthi ngakho konke lokho yena into ayenzayo inye phaqa ukusidonsela emgodini .

Iyodwa kuphela indlela yokunqoba isitha ,ngukwemukela iZwi likaNkulunkulu enhliziyweni yakho ,nanti :

Izaga  23:17,18 Inhliziyo yakho mayingabi namhawu ngezoni,kepha  mawube sekumesabeni uJehova usuku lonke.Ngokuba impela umvuzo ukhona nethemba lakho aliyikunqunywa.

Kunento eyigugu  enhle ngokuhlonipha ,uthobele uNkulunkulu.Ngokuba nonembeza omsulwa .Ngokuma endaweni efanele noNkulunkulu.Uma sikuleyondawo ,sindiza siye phezulu qede ububi bube sesabelweni sezinyaweni zethu sibubuke kude le phansi.Kuleyondawo ,izinhliziyo zethu zigcwalisiwe ,ziyatusa ,ithemba lethu esinalo kuNkulunkulu.

Ithemba elingasoze lasiphoxa sanhlobo.

Inhliziyo yakho mayingabi namhawu ngezoni,kepha  mawube sekumesabeni uJehova Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge