... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kungani Siingalaleli Kangaka?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 11:32 Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.

Listen to the radio broadcast of

Kungani Siingalaleli Kangaka?


Download audio file

Usuke uzibuze ukuthi kungani singalaleli ,siqinise amakhanda kubaholi abasiholayo emhlabeni ,hhayi kubo kuphela ngisho nakuNkulunkulu? Kuqhamukaphi ? Kungani kwenzeka ?

Kuqala kude kabi ,akunjalo ?Sisakhasa siqala ukufunda leligama elithi “angifuni ”! Futhi uma usucabanga ngakho ,okuningi ukukhula okungakho , ngukufunda ukungqubuzana nabasemagunyeni kuze kube ngukuthi esigabeni thizeni , siyakhula sibe ngabakwazi ukuthola i-balance enhle ekuthobeleni igunya nokuhluza kahle , phakathi kokwenza into e-right nalokho esikufunayo .

Inkinga ngukuthi asivamisi ukufika kuleyo-balance enhle enempilo .Kahle hle abaningi abafiki kwakufika kuyona . Futhi lokhu kuyinkinga umhlaba wonke la kunoluntu khona .Kuyinkinga abanye abaze baguge bagobe bengayinqobile . Umzabalazo abaningi obehlulayo ukuwuwina .Kodwa namhlanje angikutshele ukuthi ngumzabalazo uNkulunkulu ofuna uwuwine .

KwabaseRoma  11:32 Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.

Njengoba ngishilo ukuthi isemhlabeni wonke ,bonke abantu banqabile basanqaba ukumlalela uNkulunkulu .Kungani .Yaah ,yingoba nakhu la khona esinika  lombuzo othi  “kungani?”  UNkulunkulu uvumile ukuthi sonke singamlaleli ukuze asikhombise umusa wakhe . Ukuze kungabikho noyedwa kithina ongaziqhosha ngokuthi muhle kanjani ekumlaleleni uNkulunkulu .

Lomzabalazo ukhona ngokoqobo .Izindaba ezinhle ngukuthi awuwedwa . Kungumzabalazo sonke esibhekana nawo .Ngumzabalazo awuvumele  ezimpilweni zethu ukuze asikhombise umusa waKhe .

Ngakho ngokuzayo mawehluleka ukumlalela ,vuka uzithathe ,thuntutha uthuli qede uqonde phambili ubheke kuYe ,uthembe umusa waKhe .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..