... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukubheka Lolo “Suku”

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 EkaPhethru 3:12,13 Nibheka nilangazelela ukufika kosuku lukaNkulunkulu ayakubhidlika ngalo amazulu, ashe, konke kushe, kuncibilike, na? Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.

Listen to the radio broadcast of

Ukubheka Lolo “Suku”


Download audio file

Ngingakubuza ukuthi ngakube ukujahile ukuphela kwempilo yakho kulomhlaba ? Abaningi bethu cha abakujahile  ,futhi ngakwelinye icala kumele kube njalo . Kodwa uma  ukholwa nguJesu ,ngiyakutshela  wena ,kumele engabe yinto oyijahe kakhulu le .

Kuzwakala njengokufisa into engemnandi ? Futhi  uma ngingakhuluma ngozakwethu owake wacisha wazibulala ,lomuzwa uwuqonda kangcono ,uma impilo ikufaka kulowomuzwa wokufuna ukuzibulala ,ungalokothi sihlobo sami .Ngalesosikhathi wayengenalithemba . Wayengaziboni ephila kolunye usuku ,angisayisho eyeminyaka engu 27 aseyiphilile emva kwalokho konke lokho kwakunjengento engesenakwenzeka .Kodwa uNkulunkulu wayekhona kuleyondawo,wamnika ikusasa yena owayengeke alokothe alicabange ukuba lingakhona ukwenzeka .

Unempilo emangalisayo ayihlelele nawe sihlobo sami futhi . Ungalenzi iphutha kuKhrestu kuhlale njalo kunethemba . Kodwa kuyithemba futhi elihamba ledlule ngisho kulomhlaba ,ithemba losuku oluhlelwe nguYe ngamhla esozosithatha siye ekhaya kunye naYe esikhathini saKhe asihlelile . 

2 EkaPhethru  3:12,13Nibheka nilangazelela ukufika kosuku lukaNkulunkulu ayakubhidlika ngalo amazulu, ashe, konke kushe,

kuncibilike, na?  Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.

Ingunaphakade likuphelelisa konke .Isikhathi sethu lapha emhlabeni singukugcobhoza nje okuncane uma  kuqhathaniswa nobuhle bokuba sebukhoneni noNkulunkulu ingunaphakade ,kulabo abakholwa nguJesu .

Nakanjani simelwe ukuphila impilo echichimayo uJesu eza ukuzosinika yona . Kodwa simelwe futhi  ukubheka silangazelela ukufika kosuku lukaNkulunkulu,ngaphezu kwakho konke okunye 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.