... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Abantu Bangaba Nesihluku Esibi Kabi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 Samuweli 1:6,7 Isitha sakhe samncokoloza kakhulu ukuba amthukuthelise ,ngokuba uJehova wayesivalile isizalo sakhe.Kwathi ukuba u –Elkhana enze njalo iminyaka ngeminyaka ,lapho enyukela endlini kaJehova,wamncokoloza kanjalo ,ngalokho wakhala ,akadlanga lutho.

Listen to the radio broadcast of

Abantu Bangaba Nesihluku Esibi Kabi


Download audio file

Kukhona abantu abagcwele ububi bokunyokolozana kulomhlaba .Abantu abakwazi ukugiya ngethambo lenja ngoba nakhu ingadliwa .Abantu abangashiya konke abebekwenza konke nje ngenhloso yokuzokufaka usawoti esilondeni esinsonsothayo .Kubuhlungu kodwa kuliqiniso.

Sekube yizinsuku silokhu sibuka uHana,owayengabatholi abantwana ,owayephila emphakathini okwakuthi isibalo sakho sokuthola abantwana kwakuyisikalo sesibusiso phezu kwempilo yakho ,ekungabatholini kwakuletha ubuhlungu obukhulu .

Kodwa uHana ,njengokuba sesibonile kulezinsuku ,wayengomunye wamakhosikazi amabili ka Elkhana .Futhi lonkosikazi omunye ogama lakhe lingu Phenina wayewuthi emehlweni eyisimbelambela sesinama uqobo :

1 Samuweli 1:6,7 Isitha sakhe samncokoloza kakhulu ukuba amthukuthelise ,ngokuba uJehova wayesivalile isizalo sakhe.Kwathi ukuba u –Elkhana enze njalo iminyaka ngeminyaka ,lapho enyukela endlini kaJehova,wamncokoloza kanjalo ,ngalokho wakhala ,akadlanga  lutho .

Iyakholakala kodwa lento enjena ? Yebo ,loPhenina wabe engusomathuba  wobuhlungu obehlele  lowesifazane .Futhi uyazi okungimangaza ngaphezu kwalokhu ngukuthi lendaba isebhayibhelini uqobo .Akuyona indaba obungalindela ukuyithola ,kodwa ekugcineni iZwi likaNkulunkulu ,lingempilo qha ,impilo yangempela .Lokhu kuyimpilo ekhona ngempela .Yizinto lezi ezenzekayo .

Manje ,kungani uNkulunkulu kulezinkulungwane zeminyaka ezadlula wakhetha ukuba loludaba nalo lufakwe eZwini laKhe ? Nginesiqiniseko kunezizathu eziningi ,kodwa esokuqala esinamandla kimi  ,ngesithi  : ungafani no Phenina . 

Kulula kanganani ukuthi ,uma kunomuntu ongamthandi empilweni yakho uvese uhlekise ngaye ngenxa yesehlo akusona ? Ukufaka usawoti esilondeni sakhe ,kuyalingana lokho ,ngakho lalela : ungafani no Phenina . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..