... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Akuwe Okuguqula Umhlaba

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 4:18 Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini .

Listen to the radio broadcast of

Amandla Akuwe Okuguqula Umhlaba


Download audio file

Ngokwezinga elithile ,sonke siyakulangazelela  ukwenza umehluko omuhle kulomhlaba ;ukwenza okuzoguqula izimpilo zabantu  abaseduze kwethu .Kodwa manje umbuzo uthi pho ungakwenza kanjani lokho kulomhlaba obukeka uvese ukuhlose ukuzibhidliza wona ,wena ongafunga ukuthi yintwala uqobo edla indlu yayo ? 

Ukukhula kwegagasi longqubuzano ,yinto eyenzeka nsuku zasa phambi kwethu .Ngokwamazwe omhlaba lwenzeka kwizikhondla khondla zamazwe .Ngokwangaphakathi emazweni ethu lwenzeka kumaziko ehlukahlukene ezepolitiki .Emiphakathini luba semibangweni yobulili ,amadoda eyikhomba kwabesifazane nabesifazane bekhomba amadoda .Emindenini lwenzeka lolu ngqubuzano ngokuthi kuklayeke  ezobudlelwane  

Yebo,umhlaba awukaze waba  –perfect ,kodwa manje kubukeka kuya ngokuya kudlanga ,kungena kuwo wonke amakhona okuphila .Kimina kubukeka kusengathi ngubumnyama obugubuzele isizwe sakithi sonke nezimpilo zethu uqobo .Akukuhle ,futhi uma sizothembeka ,akuyona neze indlela emnandi yokuphila leyo ,wena uyibona imnandi? 

Kodwa manje ake sibukisane ukuthi ingempela manje yini lomuntu oyimi nawe obukeka eyintuthwane kulomhlaba angakwazi ukulwenza ? Yaa ,impendulo iqondile ithi ,luningi kakhulu esingalwenza . 

Izaga  4:18 Umkhondo wabalungileyo  unjengokukhanya kokusa  okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini .

‘Phila kahle .Yenza okuhle”.Kuzwakala kuyisisho esilula nje leso ukusisho ,angithi? Kodwa ngesikhathi mina nawe sikhetha ukwenza ububele phezu kwabo  ububi bokuchwensa obukhona kulomhlaba  ,uma sikhetha ukuthembeka nokuba qotho emhlabeni lakhona kuyinto engasanakwa leyo ,uma sikhetha ukumlandela uJesu nasezikhathini lakhona ngisho bekungathiwa bekungabanzima ,nakanjani kunezinto ezinkulu ezingakholakali eziyokwenzeka . 

Ukukhanya kwakho kuyaqala kukhanye .Futhi njengelanga liphakama ,liphuma liya ngokuya likhanya lithi bha kuze kube ngukuthi lomhlaba omnyama obugcwele umnyama usugcwele ukukhanya kwalo  kosuku.Sihlobo sami ukukhanya kobuhle bakho ngentobeko obuthole kuKhrestu kunamandla ukunyamalalisa ubumnyama obusathi buyaphakama ,impela amandla okuguqula umhlaba . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..