... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Ezolo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 43:18,19 Ningakhumbuli izinto zakuqala ,ningazindli ngezindaba zasendulo .Bhekani ngiyakwenza okusha.kuyakuqhamuka manje,angithi niyakwazi na? Yebo ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi.

Listen to the radio broadcast of

Amandla Ezolo


Download audio file

Kubantu abaningi izolo labo yilo elisabagomoshele  futhi libacekela phansi imanje  labo ,liphinde libaphuca ikusasa labo.Yebo nebala izinto ezakudangalisa zezolo lakho zinamandla okwenza lokho.Kodwa ngikholwa ngukuthi namhlanje uNkulunkulu ufuna ukukhulula kokwadangalisa kwakuphoxa kwizolo lakho ngamandla eZwi laKhe ,amen [kunjalo]?

Ngicela ukukubuza ukuthi yini into eyodwa kwizolo lakho ofisa sengathi ayenzekaka?  Leyonto eyodwa qhwaba ,okungathiwa uma ubunganamandla okuhlehlisa ikhalenda ,ubuyovese uyigudluze ,uyenze kangcono  ngokuhlukile ,leyonto eyodwa nje ?

Futhi ,ngicela uthembeke kuwe sihlobo sami ,leyonto eyodwa isanompele kangakanani empilweni yakho  ingafuni ukusuka ? Kwabaningi impendulo kulowombuzo ,ingumcabango onzima oletha uvalo.

Ukudangala nokuzisola  kungumuzwa wokuphoxeka entweni eyenzeka ,mhlawumbe eyenziwa nguwe kumbe owehluleka ukuyenza okwakumele uyenze .

Bekunganjani mangase kuthiwe ubungakhululeka kulokhokudangala nokuzisola? Ungathini makuthiwa uNkulunkulu ubengakhuluma iZwi elinamandla enhliziyweni yakho namhlanje ,ukukhulula ngokwakudangalisa phambilini ? Ngoba phela sihlobo sami ,yilokho kanye afuna ukukwenza .

Isaya 43:18,19 Ningakhumbuli izinto zakuqala ,ningazindli ngezindaba  zasendulo .Bhekani ngiyakwenza okusha.Kuyakuqhamuka manje,angithi niyakwazi na? Yebo ngiyakwenza indlela ehlane  nemifula  kwahlongasibi.

UNkulunkulu usemsebenzini wokusula i-slate sakho sibe clean .KuKhrestu isemumva nezolo lakho alinamandla phezu kwakho.Futhi akasisuli nje ukuba sibe clean ,kodwa usesulela  ukwenza into entsha kuso.

Bhekani ngiyakwenza okusha.kuyakuqhamuka manje,angithi niyakwazi na? Yebo ngiyakwenza indlela ehlane  nemifula  kwahlongasibi. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge