... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

I-risk Yokucabanga Kweqe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 3:5,6 Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho ,ungenciki kokwakho ukuqonda .Mazise Yena ezindleleni zakho zonke ,uyakuqondisa imikhondo yakho.

Listen to the radio broadcast of

I-risk Yokucabanga Kweqe


Download audio file

Ngokumbumbuzelwa ngolwazi oluningi kweqe nolonuye olungamampunge  kulezinsuku ,asikho nebala isikhathi esedlula lesi okumele umuntu acabangisise kahle akwazi ukuhlunga ,kusemqoka kakhulu kulesikhathi .Nokho kune –risk futhi yokucabanga kweqe . 

Ngendlela  engakheke ngayo ,ngingumcabangi ohlaziyisisayo.Umqondo ophusile  ungumngani wami .Futhi sikhulumile ngalokho izolo ,lesidingo sokuhlaziya amaphuzu ufake esikalini iqiniso uthole ubuqiniso bempela beqiniso ,kulezinsuku esikuso kushubile ,sivuvuzelwa izinkulumo eziningi ngenhloso okusuke siqanjelwa amanga emini libalele ,mawunganakile  ukholwa yikho konke kanti sekunanetemu elithi “fake news” izindaba ezingamampunge . 

Nokho nakuba sizitshela sikhaliphile mina nawe ,kodwa asinawo wonke amagalelo  okukwazi ukuzihlungisiza zonke izindaba eziza kithi zihlungeke ngokuphelele  zonke .Ngine-app yezindaba  kwi mobile device yami  ekwazi ukungitshela izindaba ezivela kumaziko engingawathemba  emhlabeni wonke .

Kodwa emva kwemizuzu engu 15 noma engu 20 ‘wokuthola izindaba’ , kodwa ngiye ngisale ngibambe ongenzansi ukubona konke lokhu  okwenzeka emhlabeni . 

Futhi lokho kuliqiniso nakithi ngomuntu ngamunye .Kwesinye isikhathi amaphuzu ayiwo ayasengama .Sifise ukucabanga siphume kanjani kulesosimo  esikuso ,kodwa asibonakali sinamandla okukwenza lokho .

Manje pho ithini impendulo? Ake sibuyele emumva .

Izaga  3:5,6 Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho ,ungenciki kokwakho ukuqonda .Mazise Yena ezindleleni zakho zonke ,uyakuqondisa imikhondo yakho.

Ngamanye amazwi ,yima ukucabanga kweqe ngezinto,ngoba ngesikhathi uzama ukukucabanga konke ngokwakho kungaphezu kwakho lokho,kuchitha isikhathi.Okwedlulele kunalokho ukuthi ekukucabangeni kweqe lokho okuhlaziyisisayo okukuthathile kungagcina kuletha ingcindezi ngokwakho . 

Kunalokho ,themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho .Ezindleleni zakho zonke mazise Yena ,mhloniphe ,mlalele ,mkhonze  futhi uyoziqondisa Yena izinto .

Lakhona impilo ididana ,buyela emumva ezisekelweni .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..