... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

INhlakanipho Engajwayelekile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 3:17 Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.

Listen to the radio broadcast of

INhlakanipho Engajwayelekile


Download audio file

Ngingakubuza ukuthi kunini lakhona owagcina ukuba  kwidlanzana labantu  ababesekungqubuzaneni?  Abantu ababephikisana ngalokhu ,nalokhu ,ababebukeka bengafiki nhlobo ekuvumelaneni .Yiliphi iqhaza owalidlala kulowomdonsiswano? 

Ukulungisa udaba olunokungqubuzana kubiza inhlakanipho eningi .Kulula ukuvese ukuzibe ,ubaleke kukho,nakuba lokho kushiya izimo zingalungisekile  futhi kunezilonda ezingelaphekile .Abanye bavese bangene kuzo izimo ezinjalo ngokukhulu ukuvutha lokhu .Kungenzeka bawine ,kungenzeka bahlulwe ,kodwa imvamisa lokho  kushiya ubudlelwano  buklayekile ,singasayiphathi-ke eyesithunzi sakho . 

Cha,impela kucacile ukuthi ukulungisa ungene shi  la  kunezinkinga khona udinga inhlakanipho engejwayelekile :

EkaJakobe  3:17 Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.

Nguhla olude lolu ,oluchaza uhlobo lwenhlakanipho uNkulunkulu afuna ukusipha yona .Kumhlophe ,kube nokuthula nokubekezelela izimo .Ake ucabange ke uma kungathiwa ubhekene nempikiswano ongavese  ukwazi ukuyipholisa ngenxa yaloluhlobo lwenhlakanipho .Uma  ngempela ukwazi ukubhekana nongqubuzano ugcwele inhliziyo elangazelela ukusiza labo abakulolobishi ,ukwenza okuhle kwabanye  ngomoya wokungenzeleli  futhi nomoya wokwethembeka .

Awungitshele ukuthi  ngabe lolangqubazano engikuxoxele ngalo ekuqaleni ,ngabe beluzoba njani uma bewuze kulo ugcwele loluhlobo lwenhlakanipho ,ungasho? Yebo ,siyakuqonda ukuthi akukho lula uma into seyibhekene nawe .Kodwa ake uzifake esicathulwini salomuntu osongqubuzanweni ,uyayibona intokozo okuyiyona uma ekhululwa kulesosimo ngenxa yokungenenelela kwakho . 

Kubuhlungu ukuthi bancane abantu abanalenhlakanipho .Ngakho wena yiba ngomunye wabanayo .Khombisa izwe inhlakanipho engajwayelekile   evela kuNkulunkulu  phakathi nalo ungqubuzano . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..