... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isiko,Isiko,Isiko

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 7:6-8 Wayesethi kubo : ‘U-Isaya waphrofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi : ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo,kepha inhliziyo yaso ikude nami ;kodwa bangikhonza ngeze ,befundisa izifundiso eziyimyalo yabantu .’Niyeka umyalo kaNkulunkulu nibambe isiko labantu.

Listen to the radio broadcast of

Isiko,Isiko,Isiko


Download audio file

Ngakube sewuke ucabange ngezinto ozama ukuzenza ukujabulisa uNkulunkulu ? Zingaki kuzo ezisuke ziqhamuka kuNkulunkulu ,futhi zingaki kuwe ezehliselwa kuwe,njengezinto okumele engabe uyazenza empeleni,uma ufuna ukujabulisa uNkulunkulu ? Sewake wazihlupha ngalombuzo?

Ngicela ukwethembeka ,amasiko ezenkolo angishiya ngizibandela mina .Ngiyaxolisa uma lokhu kubahlaba abanye,kodwa ake ucabange kuthiwa guqa manje ,sukuma ,yima ,yenza lokhu wenze lokhu ,akukho kulezozinto okubi kukho ngokwakho ,kodwa masike saqala sangenwa wukukholwa wukuthi lezizinto ziyamjabulisa uNkulunkulu,kumbe ziyamkitaza noma sithi zizosithengela ithikithi lokungena ezulwini ,makunjalo phela hhayi siphaphalazile kakhulu .

Ezikhathini eziningi sibona uJesu engqubuzana nabaholi bezenkolo bangalesosikhathi ngenxa yalento kanye esikhuluma ngayo la.Njengokuthi nje  abaholi bezenkolo baqaphela ukuthi abafundi bakaJesu babedla ukudla bengaligcinanga isiko lokuzihlanza uhlambuluke .Bamhloma ngayo ,nakhu akusho kubo :

NgokukaMarkhu 7:6-8 Wayesethi kubo  : ‘U-Isaya waphrofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi : ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo,kepha inhliziyo yaso ikude nami ;kodwa bangikhonza ngeze ,befundisa izifundiso eziyimyalo yabantu .’Niyeka umyalo kaNkulunkulu nibambe isiko labantu.

Kugcina kubukeka sengathi izinto lezi esitshelwe ngazo ukuthi simelwe ukuzenza  ukuze sijabulise uNkulunkulu ,azilutho nje ngaphandle kokuthi ziyimithetho esungulwe ngabantu.Esikhundleni sokuba zisisondeze kuYe ,ziya ngokuya zisiqhelisa ngamalengiso eqinisweni nasemseni kaNkulunkulu ngoJesu Khrestu .

Yizwa kahle ,alukho olubi ngokwamasiko enkolo  ,kodwa asingazitholi sesemqondweni othi yindlela esiyisa kuNkulunkulu .

Yinye kuphela indlela ,NguJesu .  Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge