... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isiqalo Esisha

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 3:1-4 Kwakukhona umuntu wakubaFarisi, nguNikodemu igama lakhe, isikhulu sabaJuda. Lowo-ke weza kuye ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovele kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”

Njengokuba sesiqala ukubhekisa imiqondo yethu kukhisimusi ,mhlawumbe bese kuyisikhathi kulelisonto ukucabanga ukuthi kungani uNkulunkulu wathumela iNdodana yaKhe kulomhlaba ,kulesositebela saseBhethlehema . 

Futhi pho ngubani obengachaza kangcono ukuthi  kungani weza ,ngaphandle kukaJesu uqobo lwaKhe .

NgokukaJohane 3:1-3 Kwakukhona umuntu wakubaFarisi, nguNikodemu igama lakhe, isikhulu sabaJuda.  Lowo-ke weza kuye ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovele kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.” 

UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.” 

Ngakho uNikhodima  ,ehlabeke umxhwele   yiloMuntu owenza izimanga ,uza ukuzombheka kodwa ngokucasha ,ukuze angaze abonwe ngumuntu, ngoba phela uJesu wayesevele engumuntu okuphikiswanayo ngaYe .Uqala ngokubuza lezimanga ezimangalisayo  kunye  nokuxhumana kwazo noNkulunkulu .Kodwa masishane,uJesu wayikhipha kulokho inkulumo ,ngempendulo ezwakala iphuma esihlokweni :   

“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.” 

Pho lokho kungena kuphi ? UNikhodima ungumholi ohlonishwayo ,indoda eqotho ethembekile nevulelekile efuna ukuthola ngeqiniso ngaloMuntu olethwe nguNkulunkulu ,kodwa manje uJesu Yena uphendula ngempendulo enjani ?

Kubukeka ,kungukuthi  ekuphenduleni uNikhodima ,uJesu waba nomuzwa wokuthi yikho lokhu okusemqoka kakhulu .Futhi nebala kusemqoka kakhulu ,ngoba lapha useyaqala ukuchaza ukuthi kungani eza emhlabeni ,ukusifaka eMbusweni kaNkulunkulu .Kodwa kunombandela oqinile wokungena ,umelwe ube ngobe nokuzalwa kwesibili ,ukuzalwa kabusha, ngaphambi kokuba ungangena .Sihlobo sami angikubuze ngakube uzelwe ngokusha ? Ngoba ….