... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izinto Ezingeke Zithengwe Yimali

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 4:46,47 UJesu wayesephinda eza eKhana laseGalile, lapho enza khona amanzi abe yiwayini. Kwakukhona induna ethile yenkosi endodana yayo yayigula eKapernawume. Yathi ukuba izwe ukuthi uJesu ufikile eGalile evela eJudiya, yaya kuye, yamncenga ukuba ehle aphulukise indodana yayo, ngokuba yayisizakufa.

Listen to the radio broadcast of

Izinto Ezingeke Zithengwe Yimali


Download audio file

Kulula ,noma ngabe ucebile noma umpofu –ukuzitshela ukuthi imali ingalungisa zonke izinkinga zakho,angithi ? Siyazi ukuthi lokho akusilona iqiniso ,kodwa siyawagomoshela lawomanga wena ongafunga ukuthi ayiqiniso kanti cha.

Mangase kuthiwe phela imali iyisisombululo sezinkinga zethu zonke .Phela kwakobiza ukuthi into nje thina okumele siyenze ngukusebenza kanzima ngokuthe xaxa,sihole enye ngaphezulu ,hhawu zobe sezisombululekile njalo izinkinga zethu.Kodwa akukhathalekile ukuthi sisemqoka kangakanani ,sikusiphi isikhundla ,sihola imali engakanani ,akusebenzi kanjalo. 

NgokukaJohane 4:46,47UJesu wayesephinda eza eKhana laseGalile, lapho enza khona amanzi abe yiwayini. Kwakukhona induna ethile yenkosi endodana yayo yayigula eKapernawume.  Yathi ukuba izwe ukuthi uJesu ufikile eGalile evela eJudiya, yaya kuye, yamncenga ukuba ehle aphulukise indodana yayo, ngokuba yayisizakufa.

U- R Kent Hughes uma ehlaziya lendimana ubhala athi : 

Ziningi izinto imali engeke izithenge .Imali ingawuthenga umbhede kanokusho,kodwa ngeke ibuthenge ubuthongo ! Imali ingathenga  indlu enkulu ,kodwa ngeke ilithenge ikhaya! Imali ingamthenga umuntu ozohambisana naye ,kodwa ngeke imthenge umngani osesifubeni ! Imali ingathenga izincwadi ,kodwa ngeke iyithinge  imiqondo ! Imali ingasithenga iskahiwo sesonto ,kodwa ngeke ilithenge isango lokungena ezulwini! 

Iphuzu la ngukuthi izinkinga ezinkulu kunazo zonke empilweni ngeke zakwazi  ukulungiseka ngemali.Izidingo ezijulile zempilo  ngeke zathengwa ngemali.Futhi njengokuba sibona kuloludaba ,imali ayikwazanga ukuthenga impilo yendodana yalomnumzane .Kukodwa kuphela okungakwazi .Amandla kaNkulunkulu kuJesu Khrestu . 

NgokukaJohane 4:50,51 Wathi kuyo uJesu: “Hamba, indodana yakho iphilile.” Lowo muntu wakholwa yizwi alishilo kuye uJesu, wahamba.  Kwathi esehla, izinceku zakhe zamhlangabeza, zathi umntanakhe uphilile.

Kunezinto imali engeke izithenge sanhlobo.Ezibukeka kuyizo ezisemqoka kakhulu ,ezinenani elikhulu ezimpilweni zethu.Impendulo yalezozinto nguJesu . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..