... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kungene Ngapha Kuphume Ngapha

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 12:4-6 Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe obezakumkhaphela, wathi: “Yini ukuba lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na?” Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso.

Usakhumbula ngesikhathi useyi teenager ? Abazali bekutshela okuthile ,nguwe lowaya uphayizisa amehlo uwagoqa  ushikisha ikhanda ,qede izeluleko zabo ezinhle zingene ngandlebenye ziphume ngandlebenye . 

Kunzima ukuba yi-teenager ,lakhona uzithola usemhlabeni ophakathi nendawo ,awukho ebunganeni awukho futhi ebudaleni ,ufuna ukugqabula amakitango uzihambele ngokwakho .Futhi ikhona elikhulu lobu teenager ,ngumqondo wokungakhuli ngengqondo okuyinto ebuhlungu kubazali leyo,lomoya wokungafuni ukuzwa ,ukungafuni ukumukela iziluleko ,ngenxa yomoya wokuthi kulesigaba sizitshela ukuthi sazi konke . 

Kunendoda enguMKhrestu engiyaziyo engafuni ukufunda ibhayibheli layo .Iyakholwa nguJesu  impela ,kodwa inkambiso yayo ithi yona iyilokhu eyikhona ,uNkulunkulu uyayithanda ,finish and klaar.Nakuba engekho kithi o-perfect ,kodwa ukuvese idinwe esikhaleni  kwenza kucace kuwo wonke umuntu ukuthi isadinga amandla eZwi likaNkulunkulu  – eliphilayo nelisebenzayo  -ukuba limkhulule . 

NgokukaJohane  12:4-6 Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe

obezakumkhaphela, wathi:  “Yini ukuba lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu

abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na?” 

Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso.

Ake ukucabange lokhu .UJudas wezwa enye yezintshumayelo zikaJesu  kodwa waqhubeka wantshontsha ;waqhubeka wakhaphela uJesu ngezinhlamvu ezimbalwa nje zesiliva .Ngakho uma sekuziwa eZwini likaNkulunkulu empilweni yakho ,yikuphi elizoba yikhona kuwe ?  Lizongene ngandlebenye liphume ngandlebenye  ? 

Ungafani noJudas . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..