... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Qaphela Ulimi Lwakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 3:9-12 Ngalo sibonga iNkosi uBaba, nangalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu; emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo. Umthombo uyakhipha yini amnandi nababayo emgodini munye na? Umkhiwane, bazalwane bami, ungaba namandla yini okuthela izithelo zomnqumo, noma umvini amakhiwane na? Amanzi kasawoti angeveze amnandi.

Listen to the radio broadcast of

Qaphela Ulimi Lwakho


Download audio file

Angikholwa ngukuthi ukhona noyedwa kithi oseke washo izinto azisolayo emva kwesikhathi ukuthi wazisho. Uma ngase nje sikwazi ukuwabuyisa lawomagama ethu.Mangase nje sibuyise lobobuwula esabuphefumula ngemilomo yethu . Kodwa ngeshwa akwenzeki kanjalo. 

Angikubingelele,ngiphinde ngikwamukele futhi engosini e-FRESH ,nginguSbonelo BT Ngema ongumlomo ka -Berni Dymet we-Christianity Works.

Esikushoyo nangendlela esikusho ngayo kuliwindi emphefumulweni  wethu.Mina nawe singabenza ubuso bethu ,benze sengathi buhloniphekile futhi buthobekile bugcwele ubuNkulunkulu ,   kodwa sikhathi simbe sivese sikhafule konke okuthunqayo okwenza kuthunqe kuxhopheke izwe lonke .

Angithi uyamthanda uNkulunkulu? Ufuna ukumnika iqholo elimfanele kodwa ulimi lwethu luletha izinto esizenyezayo ngazo . 

EkaJakobe  3:9-12Ngalo sibonga iNkosi uBaba, nangalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso

kaNkulunkulu;  emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa.

 Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.

 Umthombo uyakhipha yini amnandi nababayo emgodini munye na? 

Umkhiwane, bazalwane bami, ungaba namandla yini okuthela izithelo zomnqumo, noma umvini amakhiwane na? Amanzi kasawoti angeveze amnandi.

Akekho noyedwa umuntu oyoke uhlangane naye ,ongadalwanga ngomfanekiso kaNkulunkulu, ongathandwa nguNkulunkulu ngokwezinga linye nawe akuthanda ngalo . Manje ,ukudumisa uNkulunkulu kwelinye ithuba ,ebese kwelinye nguwe lowaya usuyaqalekisa isidalwa asidala ngomfanekiso waKhe ,lokho kungukuba ngumzenzisi omkhulu.

Ngobani abantu empilweni yakho ongabathandi ngempela ? Mhlawumbe sekuyisikhathi ukuthandaza kuNkulunkulu ukuba aguqule inhliziyo yakho ngabo . Mhlawumbe sekuyisikhathi ukuqala ubukisisa inkambo yakho ngabo . Ngoba uNkulunkulu uyabathanda .

Yebo ,uqaphele ulimi lwakho  shlobo sami .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to heavy rains that flooded our TV studio, there’s no video for today’s Fresh. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.