... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Themba KuJehova Ngenhliziyo Yakho Yonke

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 3:5,6 Themba uJehova ngayo yonke inhliziyo yakho unganciki kokwakho ukuqonda .Mazise yena ezindleleni zakho zonke ,uyakuqondisa imikhondo yakho

Listen to the radio broadcast of

Themba KuJehova Ngenhliziyo Yakho Yonke


Download audio file

Siyazi ukuthi simelwe ukuba nokholo kuJesu .Siyazi ukuthi simelwe ngukumethemba ezikhathini ezinhle nezimbi .Kodwa uma izikhathi sezizimbi ,lokhu esikwaziyo kuba sengathi asikwazi ,futhi kube sengathi akusizi lutho.Umbuzo ngothi  – pho manje  singalubamba kanjani lolukholo olunjalo sibenalo na ? 

Ziningi kakhulu izindima eBhayibhelini eziqhubeka zisho ziphindelela zisitshela ukuthemba uNkulunkulu .Kodwa okuthi uma lelofu elimnyama nsuce seliphezu kwakho ,lakhona ungasaboni mumva naphambili ,nemizwa yenhliziyo yakho ishaya mawala ,nezimo zakho zilutwa lumemeza phezu kotwa qede kunanele izintaba  – Ngeke kukulungele kulokhu  ! Impela kulesosimo kanye ,umelwe ukumethemba kanjani uNkulunkulu ? Yiwona mbuzo lowo ! 

Izaga  3:5,6Themba uJehova ngayo yonke inhliziyo yakho unganciki kokwakho ukuqonda .Mazise yena ezindleleni zakho zonke ,uyakuqondisa imikhondo yakho .

Kujika kubukeka ngokokuthi ukuzama ukuzicabangela ngendlela yakho enkiyankiyeni osuke ukuyona ,imvamisa  akwanele ngokwakho .Yebo nebala yenza konke okusemandleni akho ezimweni ,kodwa uma uncike kokwakho ukuqonda akusizi ,lapho okusuke sekudingeka yisinqumo senjula yenhliziyo .Esizinhla mbili  . 

Eyokuqala imi kanje : noma kungenzekani ,ngisho umhlaba ungangihloma ngani ,ngisho kungathiwa kungabiza ukuphila kwami ,ngizoqhubeka ngime ngiqinile ngimethembe uNkulunkulu wami .Eyesebili yona ? Yebo ,okwamanje ngesikhathi lesivunguvungu sivunguza ,ngizomnika inhlonipho emfanele owangidalayo kukho konke ,yimicabango yami ,engikushoyo  ,nengikwenzayo ,kuzo zonke izindlela zami . 

Ngakube kulula lokho ? Cha ,kodwa ndlelana thize uma uthathe igxathi lokuma uqine kukho ,uma sewusenzile lesosinqumo senhliziyo ,kuthululwa ukuzola emphefumulweni wakho .Nebala usuke ungazi ukuthi uzokwenzenjani oPhezukonke kodwa uyazi ukuthi ndlelana thizeni uzoziqondisa izinto yena . 

Themba uJehova ngayo yonke inhliziyo yakho. Mazise yena ezindleleni zakho zonke.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..