... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukufa Kumile Kithi Sonke

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KumaHebheru 9:27,28 Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa, kunjalo noKristu, esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo, kube ngukusindiswa.

Ukufa kuyinto ekhona engenakubalekeleka kulomhlaba.Kodwa ngiyazi ukuthi kungenye yezindlela yokudakhela ukwenza izinto kulezinsuku ,kodwa kuliqiniso kukhona khona.Ukufa kuyinto emile nje kuwe nakimi .

Manje uma ususeminyakeni eko 60 kodwa uzizwa usagcwele futhi uphilile ,kuba sesikhathini ngenxa yeminyaka okusuke ukucabanga ngokufa sekukuningi ngaphezu kokuba usangqabashiya usemusha useko 30 .Kuyimvelo lokho .Yingoba ….

KumaHebheru  9:27,28 Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa, kunjalo noKristu, esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo, kube  ngukusindiswa.

Yebo kumelwe ,ukuthi esigabeni esithile wonke umuntu afe .Kodwa kuqaphele lokhu uma uneso ukuthi yini le enye elandela emva kokufa : emva kwalokhu ukwahlulelwa. Manje angazi ukuthi umi kuphi ngokokholo lwakho ,kodwa lokhu kuzoba liqiniso kuwo wonke umuntu .Sonke sizokwahlulelwa.

Lokho bekumele kube yimvusangqondo ngoba ekugcineni umphumela walokho kwahlulelwa yiwo ozokhomba ukuthi siliphila kuphi kanjani ingunaphakade .Nebala kuyoba yiwona mehluko ophathekayo ngesihogo nezulu ingunaphakade . 

Kodwa  uJesu ukuba  ngumnikelo kuwe ,ukukhokha inhalwulo yesono sakho  qede esuse umthwalo waso .Futhi usabuya ngolunye usuku ukuzokunika  ukukhululwa kwaphakade ,uma  kungukuthi nebala umlindele . 

Ngakube umlindele ? Uyiphila impilo yakho ngokwendlela yokuthi uzobuya ebuyela wena na ? Ngoba ngolunye usuku uzofa  qede emva kwalokho wehlulelwe . 

Namhlanje yiphilele uJesu impilo yakho .Ngoba hleze lolosuku luvese lusheshe ukufika kuwe  ngaphezu kwalokhu ubukucabanga luqhelile. 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..