... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukhululeka Emandleni Obumnyama

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 3:13,14 Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

Listen to the radio broadcast of

Ukukhululeka Emandleni Obumnyama


Download audio file

Ngesikhathi ubumnyama bushanela umhlaba wonke ,ngesikhathi lelifu lobumnyama elimnyama nsuce  ligubuzela izinhliziyo zamadoda nabesifazane ,ngisho izingane imbala ,ngendlela engakaze yenzeke ,ngisho abantu bakaNkulunkulu imbala nabo bayakhohliseka  kakhulu yibona,bahuheke ngendlela emangalisayo .

Ngesikhathi ububi sebugubuzelwe babuhle kulezinsuku zokugcina ,ngesikhathi buya ngokuya buphenduka impilo ejwayelekile nje ,into eyisilingo esilula kithi ukusenza, ngukuzithola sesiwela kubona ,sibejwayele ,futhi sigcine siyingxenye yabo .

Emva kwakho konke ,uma  sekukubukeka lugoba uphondo kithina ,uyazazela ukuthi abezwe bathini ,bathi uma ungeke wakwazi ukubehlula yiba yingxenye yabo .Kodwa ngesikhathi uJesu ethandaza eGetsemane  ngaphambi nje kokuba aboshwe ,Nakhu akusho kuBaba waKhe oseZulwini ngabantu abanjengami nawe : 

NgokukaJohane  17:15 Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi.

Futhi uyabona ngomthandazo kaJesu onjalo  phezu kwempilo yami neyakho ,iqiniso ngukuthi ngisho ubumnyama bungabukeka bunjani kulezinsuku ,akunjalo konke .Futhi khona la ,ngale kwecala lesiphambano nethuna eligungquzayo kusukela ngosuku akhuleka ngalo lowomkhuleko ,sazi lokhu : 

KwabaseKolose  3:13,14 Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

Ngakho ,nanxa sisemhlabeni ,asibona abomhlaba .Nakuba sisotwini lwalobumnyama  obuthe nsuce  obusho ukushwabadela umhlaba wonke , mina nawe ,nobani na  okholwayo kuJesu sikhululekile emandleni  omnyama  ngenxa yokuthi uJesu wafa wavuka  ngenxa yethu .

Ungazitholi nawe usumdibi munye unganakile . Ungalokothi ube yingxenye yobumnyama .Usukhululiwe . 

Futhi  lalela lamazwi mtakababa ,ngoba usukhululiwe ,ngakho usunamandla okukhazimulisa ukukhanya kukaKhrestu emhlabeni  omnyama .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..