... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuncika Ezivivinyweni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 24:10 Uma udangala ngosuku lokuhlupheka ,amandla akho mancane.

Listen to the radio broadcast of

Ukuncika Ezivivinyweni


Download audio file

Kunezikhathi empilweni lakhona abantu,izimo ,izivunguvungu ,ngisho nemizwa yezinhliziyo zethu  ,kumelana nathi.Lezokhathi sizibiza ngezikhathi zokuvivinywa .Futhi okuthi nanxa ukuvivinywa kukhona akekho kithi ophumayo ayokucinga ,kodwa kunezikhathi lakhona kuyikho okuthola thina la singakhona.

Ngingakubuza namhlanje  ukuthi wazizwa kanjani,ngesikhathi umoya wawubhenguza uphambana nawe ,usezivunguvungwini? Ngakube wafuna ukubaleka kumbe ukucasha ? Phela lokho hle hle kuyimvelo.Sonke sinakho. 

Futhi uyazi ,lokhu kimi njengomuntu osegibele amabhanoyi iminyaka eminingi ,kuhlala kungimangaza njalo ukuthi  lihlala njalo ibhanoyi lisuka futhi lehla  ngokufuthwa ngumoya emsileni walo .

Kungani? Yingoba ngenqubo ye-physics ithi uma lihlaba ikhala lalo emoyeni kwenza ukuba liphakame  noma lihubele phansi ,okuncika ekutheni yena umshayeli ubelicuphele ukukhuphuka noma ukwehla .

Kuyisithombe esisakhela umqondo omuhle uma sekuziwa ekuvivinyweni  – lomqondo wokuba uncike emoyeni ,uncike ekuvivinyweni.

Izaga 24:10 Uma udangala ngosuku lokuhlupheka ,amandla akho mancane .

Lokhu kubukeka kungamagama aqinile ,akunjalo? Kodwa othola ukuthi kukulolosuku kanye amandla ethu avivinywa khona .Kukulolosuku kanye lakhona amandla ethu akalwa khona.

Akekho kithi oke azizwe enamandla ,uma ebhekene ngqo nokuvivinywa.Kodwa kunento eyenzekayo uma sibambisene noNkulunkulu ,sithola amandla amasha ngaso kanye lesosikhathi .Yinto le enamandla ephawuleka ngokucacile.

Njengokuba nalelobhanoyi lihlala lincike njalo kwinqubo ye physics ,ngakho nami nawe sihlobo sami ,izikhathi nezikhathi ,simelwe ukuncika ekwethembekeni kukaNkulunkulu.

Ungapheli amandla uwe kulolosuku lokuvivinywa .Ncika kuNkulunkulu.UNkulunkulu ukuleyondawo kunye nawe. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..