... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuqiniseka Ubuqiniso Bodaba

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 16:13,14 Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona.

Listen to the radio broadcast of

Ukuqiniseka Ubuqiniso Bodaba


Download audio file

Izindaba ezingamampunge akulona itulo elikhathazayo kwipolitiki kuphela . Kuyinkinga enkulu, ngabalingisi ababi, njengokuba bebizwa kanjalo ngisho nangohulumeni obusa ngamaqhinga amampunge , ovese ukuzibe ngenhloso ukuxhumana nesizwe uzwe izimvo zomphakathi , qede ubophe amatulo angamanga uze uwasabalalise ngobuso bokwethembeka kanti lutho ngubuqili bukachakide bocololo .

I-Social  media nayo ikwenze lokhu kwalula kakhulu ngoba azikho kahle izindlela zokuqiniseka yonke into ekhulunywa kuyo iyavikelwa ngobuqotho bokumela amagama umuntu awakhulumayo ngokwezinkambiso zokukhuluma ngenkululeko .Okungakho ezinye izinkampani njengo Facebook sebenze inqubo yokuthola ubuqiniso ngodaba [fact  finding]  .

Inkinga ngalokho kulezinsuku ngukuthi iqiniso likuloyo olibukayo yena ngokwakhe , Ngakho nakho lokhu kokubheka ubuqiniso bodaba kubukeka kungumqondo wobupolitiki thizeni . 

Pho,manje labo abazibiza ngabakholwa kuJesu njengathi ,bazokwazi ukuthola okuliqiniso uma kunje  na ? Nansi indlela uJesu abeka ngayo Yena :

NgokukaJohane  16:13,14   Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. 

 Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona.

Kulula ukuzichaza ngenqubomqondo thizeni ,kumbe imfundiso kuphila thizeni ,kuze kube sezingeni lakhona amaKhrestu  amaningi azichaza ngokwenkolelo yawo yezepolitiki ,esikhundleni sokuzichaza  ngokwalokho uJesu  awafundisa khona . 

Uma eyiNkosi ngempela phezu kwezimpilo zethu ,nakanjani iZwi laKhe limelwe ukuba yinhloko yezimpilo zethu , UMoya waKhe weqiniso umelwe ukuphila ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu , isiHlalo saKhe sobukhosi yiso kuphela okumele amadolo ethu aguqe kusona .

Vumela uMoya weQiniso umkhazimulise empilweni yakho , ngesikhathi usakhohlwa yikho konke .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..