... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuzikhohlisa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 1:22 Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.

Listen to the radio broadcast of

Ukuzikhohlisa


Download audio file

Ngakho uya enkonzweni ,ucule amaculo ,uzwe intshumayelo,uthokozele i-fellowship  nabazalwane  emva kwalokho usuyahamba kodwa ugcwele umoya othi “ngingcwele kunawe” ,ugcwele inhliziyo lomoya.Kodwa ngoMsombuluko  usuya emsebenzini ,ufike usho ukumnqamula ikhanda lo okuchukulazayo ,kungani lokho ? 

Ungangizwa kabi angizami ukwahlulela .Kodwa angithi ,kwesinye isikhathi siye silalele lokho uNkulunkulu akushoyo ,qede sinqekuzise amakhanda sivuma ,kodwa sivese sithi uma siphuma senze okwehluke ngamalengiso kulokho ebesikuvuma .

Kungani? Yingoba sonke sinomoya wesono oxhantile kithina .Ngenxa yokuthi indlela owakheke ngayo nezinto obhekane nazo kwiminyaka empilweni  yakho kukwenza uhluke kimi nami ngokunjalo ,okusifaka esikalini sokuba namakhona angefani asiluthela esonweni .Kodwa okusalayo sonke sinawo.

Futhi ingozi ngukuthi sigcine sesejwayele ukushiya  ibanga phakathi kokholo lwethu nokwenza ,siyenzelela ngokuzejwayeza kanjalo ,sigcina sesakhile sagxila  kulokho kuzixolela sikujabulele singanaki.

Kuthi khona kunjalo uNkulunkulu uyasibuka ehleli eZulwini ,enyakazisa ikhanda ,ezwa ubuhlungu enhliziyweni yaKhe  [ngoba uyazi ukuthi isono sethu sizoba nomphumela ] futhi uyasebenza ukuba asikhulule esonweni sethu .

Okungakho ekugcineni kwakho konke ,uJesu weza kulomhlaba ,wahlupheka wafa  ngenxa yami nawe ,qede wavuka ukuze asinike ukuphila okusha  .

Manje ithini impendulo ?

EkaJakobe 1:22 Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.

Asikwazi ukukholwa ngenye into ebese senze enye into .Asikwazi ukukhonza uNkulunkulu oluthando ,bese futhi sithathe kancane abanye abantu .Asikwazi sanhlobo ukwenza lokho bazalwane .Kumele kube khona okuguqukayo.Ngokushesha uNkulunkulu kumele angenelele ,ngakho ….

Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..