... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Uma Sima Siqonde

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseThesalonika 3:3,4 Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi. Siyethemba eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza nokuthi nizakukwenza.

Unyaka omusha yithuba elihle nelimnandi ukukunika ukukwazi ukuguqula leyanto ibikwehlula kulona ophelile ,qede uyenze kabusha . Kodwa angikutshele ukuthi ngesikhathi ugxuma uhlala ekukwenzeni kabusha lokho ,kanjalo nosathane naye  uzokulandela angakuyeki . 

Esikhuluma ngakho la ,ngukuphenduka . Siphenduke sikushiye lokho esikwaziyo ku-wrong– sonke sinayo lento eyodwa esingayicabanga esehlisela phansi  – qede ebese senze lokho esikwaziyo kulungile . 

Futhi lesosinqumo esingoNkulunkulu emandleni ,singunquma okuyigxathi elicacile  . Elingeke lafihleka embusweni wobumnyama. Ungalenzi iphutha ukuzibe ukuthi uma wenza isinyathelo esinamndla sokholo ,nosathane uzokuhlala izithonto ekulandele eduze . Uzokulandela ukwedlula zonke ezinye izikhathi .Yiyona ndlela leyo okwenzeka ngayo . 

2 KwabaseThesalonikha  3:3 Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.  

Ukwethembeka kukaNkulunkulu kulomhlaba ,kungenye yezinto engalokothi ikuphoxe ,futhi engasoze yahluleka .Ukuthembeka kukaNkulunkulu kuwe kuqinile kulitshe futhi akunakuzanyazanyiswa.Futhi uma esho lokhu – njengokuba esho la eZwini laKhe –  uma ethi uzokunika amandla futhi akuvikele komubi ,nakanjani yilokho kanye azokwenza .Kahle hle kulomunxa olandelayo nakhu umphsotoli uPhawuli akushoyo:

2 KwabaseThesalonikha 3:4 Siyethemba eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza nokuthi nizakukwenza.

Ngakho ,ndlela zonke ,futhi khona la ekuqaleni konyaka ,phenduka ,guquka uyishiye leyanto eyodwa empilweni yakho oyaziyo ukuthi iwrong ,ube nesibindi sokukholwa ukuthi uNkulunkulu uzokunika amandla  futhi akuvikele ngesikhathi usathane eza ezama ukukuhudulela phansi .

Phenduka namhlanje ngokwethemba okukhulu ukwethembeka kukaNkulunkulu . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..