... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Unganamatheli Neh Kulempilo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphu 3:20,21 Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu, oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.

Listen to the radio broadcast of

Unganamatheli Neh Kulempilo


Download audio file

Impilo kulomhlaba iqhele ngamalengiso ekubeni nge -perfect. Yebo sinezikhathi ezimnandi  nezinhle kakhulu ,kodwa futhi zikhona  nezimbi nokuvese kube sengathi kudilike intaba .Zibukeka ziza ngokwezinkathi .Futhi noma kunjalo sibambelele kulempilo okwentethe efela othini  ,ngisho kungathiwa kufikani. 

Ukwesaba okukhulu kubantu abaningi ,ngukufa.Futhi ngokokubuka kwami lokho kuliqiniso noma ngabe abantu bakholwa anguJesu noma cha .Noma ngabe bayazi ukuthi bazoba nengunaphakade behleli naye noma cha .Futhi lokho othi uma ukucabanga ,kudida ingqondo kusamsangano .

Phela mina ngiyabona uma umuntu engazani noJesu ,uma engenaso isiqinisekiso esiyidwala sokuthi noma kanjani uzoba sephakadeni naYe ,yaah kulowomuntu bandla ngicishe ngizwe .Kodwa uma ungumuntu onjengami ….nawe ubeke  ithemba lakho kuJesu ….umelwe ukuzibuza wena mathupha yini ingempela le esiyesabayo ? 

Ngihlawumbisela ukuthi mhlawumbe kungenxa yokuthi nakuba lempilo ingugingqigongqo ,kodwa sesiyejwayele ,siyanamathela kuyona ,wena ongafunga ingane ithe neh emhlane kanina ! 

KwabaseFiliphu 3:20,21Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu,  oyakuguqula isimo somzimba wethu  wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.

Kumbe ,njengokokuba uJesu ebeka ,sikulomhlaba kodwa asibona abalomhlaba .Siyizihambi sizophila isikhashanyana nje esincane la ,silindele ngokulangezelela uJesu asiyise ekhaya ,siyophila ingunaphakade  naphakade naYe – sisebukhoneni benkazimulo yaKhe . 

Yebo nebala ,ngiyakholwa ukuthi uNkulunkulu usenokuningi afuna ngimenzele khona la phansi emhlabeni andukuba angibizele ekhaya ,engikholwa kuntonye ncimishi nakuwe ,angikungabazi lokho.Kodwa ake siqale siqondise lokhu okukodwa kuqala : Asibona abala .Ngakho ungazitholi usunamathele neh kulempilo .Kusekuningi kuningi kakhulu okuzayo . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..