... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amademoni amadlabha nabakhekhelezi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Daniyeli 6:4 Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso,kepha abatholanga lutho nacala kuye,ngokuba wayethembekile ,akutholwanga siphosiso nacala kuye .

Listen to the radio broadcast of

Amademoni amadlabha nabakhekhelezi


Download audio file

Uma siphila ngokwenza izinto ngezinga elicokemeyo ,iqiniso lithi akusibo bonke abakujabulelayo lokho. Kubukeka sengathi umoya ophakeme  wokwenza izinto  unomkhuba wokuhhudluza kuzwele qede kuvuke amadimoni omona  kumadlabha nomadojasi bakulomhlaba.

Ngasizathu thizeni ,empilweni yami  ngangihlala ngikuthokozela ukufunda .Eskoleni ngangizikhandla kakhulu ,hhayi ngoba kwakumele kodwa ngoba mina ngangithanda  ukukwenza.Okuyikho okwakuvamisa ukungenza ngiphume  ngiqenqeleza phambili kuma class  amaningi .

Kodwa manje ,ngenxa yalokho kwagcina ezinye izingane zezingiphatha kabi .Kwakuhlale kungixaka futhi kungicika lokhu okwakwenziwa yilezingane ezinye .Ngangingaqondi kungani ingempela.UMame wayeye angitshele ukuthi yingoba izingane zazinomona.Yebo,kodwa manje kulelozinga leminyaka engangisekulo kwakungawakhi umqondo lokho.

Izolo sibonile ukuthi uDaniyeli unyuke kanjani waze wayothi cingco phezulu emkhandlwini wobuholi wenkosi uDariyu,,ngokunamandla wagcina enjengomuntu ohola izwe lonke …konke ngenxa yomoya ophakeme we excellence ekwenzeni izinto.

Daniyeli  6:4 Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli  oluqondene nombuso,kepha abatholanga lutho nacala kuye,ngokuba wayethembekile ,akutholwanga siphosiso nacala kuye .

Okwagcina sebemqiliza enkosini ,okwagcina kufaka uDaniyeli emphandwini wezingonyama [soxoxa kabanzi ngalokho kusasa] .Indaba la isekutheni inqobo nje uma senza izinto ngezinga elicokemeyo sizowuvukuza umoya womonase  abasizungezile .Ngeshwa i-excellence iletha abagxeki nezitha zayo eziningi .Noma kunjalo kodwa wena shlobo yenza izinto ngezinga elicokemeyo.

UDaniyeli wayeyindoda abantu ababengayithemba. Akazange enze nkohliso nasiphosio enkosini .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..