... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Okuguquka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 17:14-16 Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini. Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.”

Listen to the radio broadcast of

Amandla Okuguquka


Download audio file

Ngicabanga ukuthi kwesinye isikhathi uma sekuziwa  ekulindeleni kwethu kulokho uJesu angakwenza nazokwenza ezimpilweni zethu ,sibeka isikali phansi kakhulu.Simbuka enza izinto ezinkulu  ezimpilweni zabanye abantu ,kodwa singamlindeli ekwazi ukwenza lokho ngokunamandla  kwezethu izimpilo .

Kwezinye izinsuku,siye sicabange ukuthi akukho lutho oluyoke luguquke .Into esineminyaka iyimbelesela yesilonda esingapholi ,mhlambe ezobudlelwane bethu ,isidingo thizeni,okusilimazile,kumbe okusehlulayo ngemvelo yethu … bese sithi : “kuzomele ngivese ngifunde nje ukuphila nalento insonsotha injalo ngoba ngeke iphinde iguquke”..

UJesu uqhamuka phezulu entabeni ,wehlela ezixukwini .Abanye babafundi bakhe bazama ukukhipha idemoni kumfana omncane ,kodwa bayahluleka.Ake ucabange ukuthi ubaba wakhe wayenomuzwa onjani

ngalokhu.Wayezwile ngezimangaliso zaloJesu ,kodwa manje ngakuba loJesu sikhona isimangaliso yena azomenzela sona?!

NgokukaMathewu 17:14-16 Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini.

Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.”

Lokhu kukhanda umbuzo ,ngakube uzongenzela isimangaliso ,uzokwela isimangaliso ? Ngakube uzokwazi ukuyiguqula leyanto nje eyodwa engeke ikwazi ukuguquka? Mhh?

NgokukaMathewu 17:18 UJesu wayeseyikhuza, idemoni laphuma kuyo; umfana waphulukiswa kusukela kuleso sikhathi.

UJesu akakaze anqabele muntu isimangaliso noma ngabe ubani oweza kuYe enokukholwa okuncu.Ngisho nakanye .

Ngakho leyonto eyodwa nje engeke iguquke ,ithathe uyiyise kuYe.Kunokwenzeka engenzi lokhu ofuna akwenze ,kodwa methembe ,uzokwenza.Kuthathe ukuyise kuYe bese uyakholwa. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge