... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Phezu Kwakho Konke

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 17:22,23 Besahambahamba eGalile, uJesu wathi kubo: “INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu; bazakuyibulala, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.” Badabuka kakhulu.

Listen to the radio broadcast of

Phezu Kwakho Konke


Download audio file

Into esengike ngayibona kuleminyaka eminingi ukuthi uma uNkulunkulu esiholela ebuhlungwini enhluphekweni,akukaze kuwakhe umqondo.Yebo nebala izinhlungu zivese zimboze indlela esibuka ngayo ,kodwa noma kunjalo,yini enhle ebingaqhamuka kulokhu?

Enye yezinto engiyithola iqondile inzima nokho ngukuthi uyabusebenzisa ubuhlungu ngenhloso yobuhle ekugcineni.Ngokwendlela yokucabanga kwethu isibusiso sihle ,ubuhlungu bubi.Yiyona ndlela leyo imiqondo yethu ecabanga ngayo.Kodwa hhayi uNkulunkulu .KuYe ubuhlungu buyingxenye yohlelo lwaKhe .

Manje …nangu uJesu ehlanganisa abafundi baKhe qede bese anqume ukuqala abalungiselele okuzayo .

NgokukaMathewu 17:22,23 Besahambahamba eGalile, uJesu wathi kubo: “INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu; bazakuyibulala, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.” Badabuka kakhulu.

Sihlobo sami ,mangase kuthiwe mina nawe sasikuleyo-meeting yabafundi ,sasizophuma namuphi umcabango walokhukubikezelwa kokuzokwenzeka?

Ngakube zimshiyile yini manje uJesu ? Lomuntu owenza izimangaliso ,athulise izivunguvungu ,akhiphe amademoni ,ashumayele ngokunamandla ? Abulawe? Bese avuke ekufeni?

Kodwa uNkulunkulu uhlale esazi isidingo sethu esikhulu .Ubazi kahle ngokufa nokubhubha konke okumosha izimpilo zethu ngenxa yokumlahla ezimpilweni zethu.

Futhi ,okuthi othandweni lwaKhe olwedlula zonke ezinye izikhathi ,usethumela iNdodana yaKhe ezelwe yodwa ,uJesu ukuba alahlwe ezandleni zabantu ,ahlanjalazwe,ahlushwe ,alinyazwe qede abethelwe ngenxa yesono sami nesakho.Konke lokhu ukuba avuke futhi ukuze siphile impilo entsha othandweni lwaKhe.

Akuzange kuwakhe umqondo kulabobafundi .Kodwa phezu kwakho konke ,waqhubeka wathumela iNdodana yaKhe ukuzohlupheka ngenxa yethu.UJesu . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge