... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ditching the Formula

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Jeremiya 33:3 Ngibize ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlakeleyo ongazaziyo

Listen to the radio broadcast of

Ditching the Formula


Download audio file

Ngingabuza namhlanje ukuthi ukhuleka kanjani? Uya kuyo ngayiphi indlela? Sithombe sini nomcabango onawo ngalento ebizwa ngokuthi wukukhuleka? Abantu,AMaKhrestu akhuluma kakhulu ngomkhuleko kodwa kufuphi ukuba akhulume ngokuthi sikhuleka kanjani.

Igama elithi “umkhuleko/umthandazo” kwabaningi liletha umqondo wenqubo esasikwana.Kube sengathi umelwe ukuba sendaweni ethize, ugqoke ndlelana thizeni, uphimise amagama ndlelana thizeni.Bese kuthi uma uwathandaze kahle ngendlela eright okuchaza ukuthi ngeke-ke esakujezisa uNkulunkulu futhi usungazitholela noma yini oyicela kuye ..

Yiyona ndlela leyo engangifundiswe yona ngikhula.Kodwa ekuqhubekeni ngikhula ngathi hhayi bo, phela uma kuwukuthi yiwona mkhuleko ke lowo pho ubani owudingayo? Ngakho ngaba nesikhathi eside ngingakhuleki sanhlobo. Okwaba yisikhathi eside, ihlane uqobo-ke lelo.

Okwathi sengifike lakhona impilo namaphupho ami eshabalala ngaqala ngawukhumbula umkhuleko, ngakhuleka ngokomuntu oxinekile ke manje.

Ngangakhuleka ngokwenqubo thizeni, kodwa ngathulula inhliziyo yami kuNkulunkulu.Okwathi ngokumangala okukhulu, waqala uNkulunkulu ukungiphendula .Kodwa akubanga yilokhu ebengikulindele.Mina ngangilindele ukuthi uzovese akhande umlingo qede ashabalalise zonke izinkinga zami.Kodwa wayenokuhlukile kakhulu kulokho.

Jeremiya 33:3 Ngibize ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlakeleyo ongazaziyo


Ngambiza uNkulunkulu,wangiphendula….kodwa izimpendulo zabe ziwukukhuthazwa nenhlakanipho engangiyidinga ukukwazi ukudlula ezikhathini ezinzima, akangiphendulanga ngomlingo wokuvese aziphephethe zishabalale zonke ngokuphazima kweso,cha.

Umnkhuleko awuyona indlela ethize eyinqubo yokukhuleka.Yiba nguwe qede umbize uNkulunkulu Yena uyakukuphendula.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge