... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Igebe Lezokuxhumana

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 Izikronike 15:2 U-Azariya ..waphuma ukuhlangabeza u Asa ,wathi kuye : “ Ngizweni Asa ,noJuda wonke no Bhenjamini ,UJehova unani uma ninaye,uma nimfumana uyakufunyanwa yinina,kepha uma nimshiya uyakunishiya nani .”

Listen to the radio broadcast of

Igebe Lezokuxhumana


Download audio file

Okay, kwiskali sika 0 kuya ku 10, uzizwa usondele kangakanani kuNkulunkulu, njengamanje? U-Zero umele ukuqhela kuYe ngamalengiso … u-10 umele ukusondela kangcono, ngokuseduze, nobudlelwane bempela noJesu.Azishe, awuqale uzikale wena

Sewuke waqaphela ukuthi ngokukhula kwe technology, sesivese sithi khriiii sesishefile njalo [kulabo bethu abashefayo], futhi yenza sixhumane kalula? Kwaqala kwafika ukuposa izincwadi-uyakhumbula kwakumnandi kanjani ukufika kwencwadi ngeposi? Emva kwalokho kwafika izingcingo zokufona,ama telegram, dukuduku yizimoto,ama fax, kwaqhamuka ama-email, sekungene ama smartphone manje, asashisa izikhotha futhi kulezinsuku abantu abaningi bathe neh kwi -social media ngoba isahamba yodwa-oFacebook, Instagram,Youtube namaningi amanye .Asazi ke ukuthi yikuphi okusazolandela kodwa nakhu lokhu okukhona, kungekudala kusazoshibha emakethe qede kudlisele okunye!

Kodwa into eqaphelekayo wukuthi ngesikhathi siqhubeka siba sekukhuleni kwe technology, kusikhathi sinye futhi siba matasa kweqe.Ekwandeni kwezinto zokuxhumana ezikhona, ngokunjalo kwandisa izinto ongazenza. …

Bese kuzothi okubuhlungu kakhulu ngokukhula kwe tech wukuthi sikhathi sinye sinayo la eduze eminweni yethu, kusikhathi sinye sehlelwa wukuxhumana nesiqu somuntu ngokujulile.Usalukhumbula uhlobo lwezingxoxo olwaluvamisa ukuqhubeka siseyizingane sizihambela sikhuluma ubuso nobuso?

Futhi uma lokhu kuliqiniso ebudlelwaneni bethu singabantu, kuliqiniso futhi ebudlelwaneni bethu noNkulunkulu.Ndlelana thizeni siqhelile kuYe.

2 Izikronike 15:2 U-Azariya ..waphuma ukuhlangabeza u Asa, wathi kuye : “ Ngizweni Asa, noJuda wonke no Bhenjamini, UJehova unani uma ninaye,uma nimfumana uyakufunyanwa yinina,kepha uma nimshiya uyakunishiya nani .”


Ngilalele sihlobo sami, uma kuwukuthi uNkulunkulu umuzwa eqhelile kuwe ngamalengiso, yenza isikhathi ukuba sebudlelwaneni naYe,ngoba:

UJehova unani uma ninaye,uma nimfumana uyakufunyanwa yinina,kepha uma nimshiya uyakunishiya nani .”

Kodwa uma kungukuthi ubusushenxile, ungaphonsi ithawula ngoba uma umfuna uyakumfumana . Indlela enhle yokukwenza lokho ukusondela eZwini lakhe nsukuzonke.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge