... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Hhayi Ngamandla Akho, Kodwa …

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 Izikronike 16:11 Funani uJehova namandla aKhe ,nifunisise ubuso baKhe njalo.

Listen to the radio broadcast of

Hhayi Ngamandla Akho, Kodwa …


Download audio file

Sengike ngezwa abantu bethi uNkulunkulu akakuceli into ongeke ukwazi ukuyenza .Yaah .Angazi ukuthi bona baphila konjani umhlaba ,kodwa mina kubukeka sengathi imvamisa uNkulunkulu ungicela ukwenza izinto ezikude ngamalengiso ngokwamandla ami …..

Akekho kithina othandayo ukuzizwa engongaphelele entweni.Nginjalo nawe futhi unjalo ….kodwa ekujuleni kwezinhliziyo zethu wukuthi sihlala njalo sibhekwe yizinto ezingaphezu kwamandla ethu ngokungachazeki.

Uma ngikhulisa izingane angikaze ngizibone ngingubaba ofanele nophelele ekukwenzeni lokho phezu kwabo bonke abanye obaba,ngibe ngo perfect.Kungekudala ngike ngaba semhlanganweni obekubiza ngiwuhole ,ngibe ngushlalo wawo,obunzima .Bengazi kahle kuzoba khona ukuklwebhana ngamagama ,nakuba esinye sezipho zami ngesobuholi ,kodwa ngivese ngangazi noma nginalo yini igalelo lokuhlanganisa lemimoya yabantu ibe munye .

Kuwena kunjani Sihlobo sami ? Kunini lakhona owazithola usesmweni ozibonelayo awuphelele ukubhekana naso ?

Ngike ngiwezwe amaKhrestu ekhuluma ,hleze nawe uke uwezwe ,ethi akumele senze izinto ngamandla ethu ,kodwa ngakaNkulunkulu .Kulungile kuyezwakala ,kodwa manje lokho kuchaza ukuthini futhi kumele ukusebenza kanjani ?

1 Izikronike 16:11 Funani uJehova namandla aKhe ,nifunisise ubuso baKhe njalo.

YiNkosi uDavide eyabhala la ngenhlakanipho yeso lomuntu owayeseke wabhekana nezimo ezinzima ezibukhuni satshe ,ezinye ezazisho ukuthatha impilo yakhe uqobo .Lombhalo uyinhlakanipho efika  ngezindlela ezimbili :

Okokuqala ,ncika kuNkulunkulu ngokwamandla.Ungangabazi ,ungacabangi kweqe ,ungakhathazeki…ncika kuNkulunkulu ,esikhathini lakhona awakho enganele.   Ebese kuzothi okwesibili;uwathola kanjani lawomandla ? Ngokuhlala njalo-uyibambile leyo ? Njalo-uye kuye ukufuna usizo .

Ngakho ,ngokuzayo uma uzizwa ungongaphelele ,yiya kuNkulunkulu ufike ucele amandla aKhe .Ngoba yilokho kanye afuna ukwenze . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..