... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Imvume Ukwehluleka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 73:26 Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela ,nokho uNkulunkulu uyiDwala lenhliziyo yami,nesabelo sami kuze kube phakade .

Listen to the radio broadcast of

Imvume Ukwehluleka


Download audio file

Ukwehluleka yiphuzu elikhona empilweni esingeliphike.Sonke siyahluleka ezintweni ezithize ngenxa yokuthi singabantu abangenakho ukuphelela konke .Kukho kunjalo ,umbuzo uthi ,uma abanye benza ukwehluleka kithi ,sibaphatha kanjani? Sibaphatha ngomusa ofanayo nalowo uNkulunkulu asiphatha ngawo naYe kumbe ngokwehlukile ?

Iqiniso lokuthi siyahluleka  izikhathi nezikhathi ,liyiqiniso elinamandla .Kwesinye isikhathi siyehluleka ekuphatheni kahle abanye abantu ,kumbe sizame ukwenza into engenzeki sanhlobo ngokokuhlelwa kwayo.Futhi asthembeke ukuthi kwezinye izikhathi size sisho ukuzishaya ngempama ebusweni ngenxa yokwehluleka ,kuze kubone wonke umuntu .

Kungithusile mumva nje ukufunda ukuthi njengomholi ngimelwe ukwenza abantu bazi ukuthi banayo imvume yami  ukwehluleka.Ngifuna ukubabona  bezama ukwenza izinto ,babe yingxenye yezinto ….nokuba babone ukuthi uma uNkulunkulu engangeneleli ezintweni nakanjani sizohluleka .

Futhi abantu ngeke bakwazi ukuzelulela ezintweni  abangakaze bazenze ,ngeke bakwazi ukungena kuma idea amasha asuke uNkulunkulu ewatshale ezinhliziyweni zabo ,uma begcwele ukwesaba ukujeziswa uma behluleka .Kungani bezohluleka?

Ngakho kwi –meeting ye-team phambilini ngakwenza kwacaca ukuthi asikho isikhala sobuvila la ,sokungathembeki ,senkambo embi ,futhi akusikho ukuthi nje ngikulindele ukuhluleka kwabantu   kodwa ukuthi bakwazi ukuthi ukungena kukho bamukelekile .Futhi esikhathini sokwehluleka kwabo ,ngiyobe ngiseduze kwabo ukubaqinisa njengomholi . 

Imvume yokwahluleka ,ngukhiye ovula izinhliziyo zabantu ukuba babe yikho konke lokhu uNkulunkulu abahlelela ukuba babe yikho .Ukuba balubekele ukwenza ama-idea awabeke ezinhliziyweni zabo.

Amahubo 73:26 Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela ,nokho uNkulunkulu uyiDwala lenhliziyo yami,nesabelo sami kuze kube phakade .

UNkulunkulu uyazi ukuthi sizohluleka ,kodwa khona kunjalo unamathele kithi .Thina pho singehlulwa yini ukwenza okufanayo komunye umuntu ? Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..