... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ikhaya Laphakade

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 90:1,2 Nkosi ,wena uyisiphephelo sethu ,ezizukulwaneni ngezizukulwane .Kungakaveli izintaba ,ungakawenzi umhlaba nezwe ,kuthi kusukela phakade kuze kube phakade ,wena Nkulunkulu ukhona .

Ukuphepha nokuzizwa uvikelekile kuyizidingongqangi zoluntu .Siyakulambela ukuba nakho,kodwa uthole ukuthi imvama ,siyatabalasa sigcina singakutholi.Futhi okuthi  uma impilo isiholela ophathe kuye kungabi yinto emnandi ukwenzeka . 

Sewake wazibuza ukuthi kungani kunesigaxa sikakhiye  emnyango ekhaya la okhona? Nakuba kungeyona into esicabanga kakhulu ngayo ,kodwa impendulo isobala .Inhloso ngukuhlehlisa laba abagangayo ,ebese thina ngaphakathi ekhaya sigcineke siphephile .

Kuphathana kabi lokhu  ngokwempilo yabaningi ikakhulukazi  – abesifazane nezingane ukuthi ngisho nekhaya aliseyiyo indawo ephephile novikelekile kuyona .Kumbe mhlawumbe livikelekile kodwa ngenxa yezinto obhekane nazo empilweni zikhanda ukungazinzi kwenhliziyo  kunye nokwesaba.Kungalesizathu ukuthi senza kahle ukulula amehlo ethu sibona okuwuqobo lwempilo evulekile ukuze sibone isithombe esikhulu kunokuphambi kwethu .

Amahubo  90:1,2Nkosi ,wena uyisiphephelo sethu ,ezizukulwaneni ngezizukulwane .Kungakaveli izintaba ,ungakawenzi umhlaba nezwe ,kuthi kusukela phakade kuze kube phakade ,wena Nkulunkulu ukhona!

Ake ubuke isithombe uMose asidweba lapha ,njengombhali walelihubo ;ngisho ngaphambi kwezintaba nakuba zinkulu zingaka ,zingakaveli,ngisho ngaphambi kokuba umhlaba nokugcwala kwawo ungakenziwa ,uNkulunkulu ubelokhu enguNkulunkulu wethu .UNkulunkulu ulikhaya lakho ,indawo yokuphepha nokuvikeleka.

Ngakho sihlobo esikhathini lakhona lezidingo zingafezekile ,yiya kuYe uzithole khona .Indawo yokuthola ukuphepha kwakho ,nokuvikeleka kwakho.Yilokho uNkulunkulu wakho ayikho .Unehliziyo oyofika uphephe uvikeleke kuyo.

UNkulunkulu unguNkulunkulu wakho .Ubelokhu ekhona ,uyohlala ekhona Yena.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..