... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Uyiphila Kanjani Insindiso Yakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 2:10 Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule besilokhu sikhuluma  ngokuthi kuchazani ukusindiswa ngomusa ,ngokholo kuJesu.Lokho kungokusemqoka kakhulu .Kodwa manje ebese kuba njani ? Yini le elandelayo? 

Futhi ,yebo kuyinto esemqoka ! Esemqoka kakhulu! Into engesabisayo kakhulu ,ngabantu abanohlobo lokholo oluwukholo nje olungatheni ,abazitshela ukuthi basindisiwe kanti basazothuka kome amathe kubande amathumbu ngamhla bemi phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu ngalolosuku olubabhekile . 

Indlela eyodwa kuphela yokuya kuBaba ,ngukuya ngokholo ngoJesu ,iNdodana yaKhe .Yilokho kanye ! Kodwa manje lolokholo lubukeka lunjani ? Ngakube yinto eyenzeka kanye qede idlule ? Uthi ,yebo ngiyakholwa ,uthikhe uthi klwi lawomagama ngepeni qede uzibuyelele empilweni yakho ejwayelekile ? Lutho ! Akukhona lokhu iZwi likaNkulunkulu elikushoyo . 

Uma silandela ngokuseduze kulawomavesi  angensindiso ebesilokhu siwabuka kulelisonto ,kuvese bese kuqhamuka leli: 

KwabaseFesu  2:10 Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.

UNkulunkulu wakudala wakusindisa ,ngoba unemisebenzi emihle ngawe ekulindele .Imisebenzi enjani? Emihle.Hhayi emidala,hhayi lolo vucu esasiyilo ngaphambili ,andukuba sithembe uJesu .Imisebenzi emihle .Ngamanye amazwi sinempilo entsha esimelwe ukuyiphila. 

Futhi uma singayiphili lempilo entsha,uma singahambi kuleyomisebenzi emihle ,ngakho kobe kuchaza ukuthi ukholo lwakho alusho lutho . Ndawana thizeni uJesu uthi : 

NgokukaMathewu  7:21 “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.

Ungalenzi iphutha.Ukholo kuJesu alusikho ukuthikha uthi klwi kanye bese kuphelile njalo.Kodwa yimpilo eguqukile .Ungazitholi usuthuka umangale ngosuku lokwahlulela .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..