... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngoba Wakholwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 2:8,9 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.

Uma sekuziwa ekuphileni ingunaphakade noNkulunkulu ,umusa nezibele zikaNkulunkulu  azanele ?Omunye uzothi hhayi bo BT sezikushiyile yini ? Nebala zanele !!!  Yaah,cha azanele .Kunento eyodwa esele kulesikali ukuze sibhalanse .

Kucabange lokho .Ukuthi ngiyamthanda unkosikazi wami ,ongiganile ,ukufaka isicelo somshado kuye ,kwabe kunganele ukusenza sibe ngunkosikazi nendoda .Enye ingxenye enkulu yalolothando kwabe kungukuthi athi : “yebo ngiyavuma” .Lesivumelwano somshado wethu namhlanje simile endaweni efanele ngoba sobabili silokhu siqhubeka sithi ‘yebo siyavuma’ komunye nomunye usuku nosuku. 

Futhi njengokuba kukanjalo nangezibele nomusa kaNkulunkulu uyisicelo  kithi ngabanye ,koweilisa nowesifazane ngamunye  nakuyo yonke ingane ekulomhlaba ,lesosicelo asanele.Abaningi basaya ngamakhanda kwingunaphakade elingenaKhrestu .

 Kwabasefesu 2:8,9 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;  akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.

Kungani sasindiswa ngomusa? Yingoba sakholwa .Cha asizisindisanga ,njengokuba nonkosikazi wami engazifakanga yena isicelo somshado .Kodwa uma sesiphendula kwiscelo sikaNkulunkulu sokusa  nezibele kuKhrestu  ngokholo ,yilapho ke esisindiswa khona .

Usewenzile wonke umsebenzi osindayo la .Usekwenze konke ngokufa nokuvuka kukaJesu Khrestu.Kodwa noma kunjalo sisamelwe ukuthi sithi : “ Ngiyavuma – Yes I do” .Sisamelwe ukuza kuYe ngokholo ,sikholwe ngakho konke lokho esiyikho ,sibeke sithembe kuJesu ozandla zalinyazwa ,sibeke kuYe ukuphila kwethu ukuze sisindiswe ngomusa kukho konke lokho asenzele khona .

Ngakube usushilo ukuthi ‘ngiyavuma –Yes I do’ ? Ngiyakholwa.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..