... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Impi Emva Kwenye

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Dutheronomi 6:18,19 Wokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova,ukuba kube kuhle kuwe,ungene ulidle lelozwe uJehova alifungela oyihlo ,ukuxosha zonke izitha zakho phambi kwakho njengalokho ekhulumile uJehova.

Listen to the radio broadcast of

Impi Emva Kwenye


Download audio file

Kungokunye ukuthi uNkulunkulu asithembise izinto –futhi nebala wenza izethembiso eziningi eZwini laKhe.Kanti-ke kungokuhlukile kakhulu futhi ukuzizwa lezizethembiso empilweni yethu ;siphile kulezozethembiso,usuku nosuku ,awuvumelani nalokho?

Ziningi izinto ezithembisa okuningi empilweni…nokho futhi ,iningi lazo ziyehluleka ukufezeka.Impumelelo isengaphenduka umgodi wotwa igobosi uqobo lwalo.Ezobudlelwane zisengasiphoxa.Ngeshwa nakubaningi ,ngenye yezindlela enqamulela ukuthi bamazi kanjalo noNkulunkulu.

UJesu ubukeka esithembisa okuningi –ukuthula,intokozo,impilo echichimayo –kodwa uthole ukuthi ndlelana thizeni ukwenzeka kwezinto kusengenza zingabonakali lezethembiso.

Cishe kwakuzwakala kanjalo ku-Israel ,emva kwamakhulukhulu eminyaka beyizigqila eGibhithe eyalandelwa yiminyaka engu 40 bezulazula ehlane ,base besondela ekuweleleni ezweni uNkulunkulu alethembisa u-Abhrahamu –Izwe Lesethembiso.

Kodwa ngesikhathi bebheke esithembisweni ,into kuphela abayibona kwabe kuyizigejana zezizwe ezabe sezivese zihleli zizinzile kulo kungelazo.Kwabiza babhekane nempi emva kwenye ukuze bakwazi ukuthatha “leliZwe leseThembiso”.

Ngakube lokhu kungesinye sezeThembizo zikaNkulunkulu? Futhi uma  kuyiso pho manje bazosithola kanjani basigone basithokozele libe livele lelizwe seliqaqelwe yizizwe ezimelene nabo?

Nansi indlela uNkulunkulu aphendula ngayo leyomibuzo:

Dutheronomi  6:18,19 Wokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova,ukuba kube kuhle kuwe,ungene ulidle lelozwe uJehova alifungela oyihlo ,ukuxosha zonke izitha zakho phambi kwakho njengalokho ekhulumile uJehova.

Futhi ngakho ,baqhubeka balwa impi emva kwenye ,bakuzwa ukwethembeka kukaNkulunkulu besaqala nje.Bakuthola bakuthatha lokho uNkulunkulu abe ekwethembisile.

Wokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova,ukuba kube kuhle kuwe.

Sihlobo sami uNkulunkulu unohlelo ngawe lokuthi uphile ezethembisweni zaKhe.Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge