... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Impumelelo YoMbuso

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 8:18-20 “Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya. Kwase kufika umbhali, wathi kuye: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.” UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”

Listen to the radio broadcast of

Impumelelo YoMbuso


Download audio file

“Mangase kuthiwe nje umhlaba uphethwe yimi ,ula entendeni yesandla ,wonke umuntu ezwe mina.” Angithi kuhlale kuba yintshisekelo yezinhliziyo zethu leyo .Siyazi ukuthi kuyinto engeke yenzeke leyo ,kodwa iyodwa into esiyifunayo ngukuthi wonke umuntu adansele ugubhu lwethu ,ukuze yonke into ihambe ngendlela yethu .

Isizathu salokho yingoba ukucabanga kwethu kuzihlele ngendlela yokuthi impilo yethu  — eqondene nathi ikakhulu ayigcwale impumelelo. Mpumelelo yiphi?  Hhiya nebala ,iyinoma yikuphi esifuna ibe yikhona  – indlela yethu ,isiginci sethu .Futhi asethembeke ukuthi phela lomoya wokuziphatha ugcina usuputshela  nasebudlelwaneni bethu noNkulunkulu .

Ake ucabange nje okwesikhashana ngempilo yakho yomkhuleko .Ingakanani ingxenye yayo ezungeza ekuceleni uNkulunkulu izinto ,ngokugcwele umqondo ngesikhathi usathandaza ,wokuzitshela ukuthi : 

nakanjani uNkulunkulu izinhlelo zaKhe zingawe wedwa nje nempumelelo yakho .Kodwa ibhayibheli liqukethe okuncane kabi mayelana nempumelelo yasemhlabeni  uma kungesikho futhi ukuthi alikho kwakukhona lokho. 

NgokukaMathewu  8:18-20 “Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya. Kwase kufika umbhali, wathi kuye: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.” UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”

Uhlelo lukaNkulunkulu ngami nawe aluyona impilo yobuntofontofo ,kodwa yile yokuzinikela futhi kwesinye isikhathi ,yokuhlupheka.Yingakho wakhuluma lawomagama kumbhali owayefuna ukumlandela . 

Awuboni yini ? Uma ufuna ukulandela mina ,akuzukuba yindlela elula .Akuzukuba yimpilo yobuntofontofo  nokuzenzisa ,kodwa yokuzinikela nokuhlupheka . 

Kuchaza lokho kanye ukuthatha isiphambano sakho bese ulandele uJesu .Akazile ukuzodansela isiginci sakho .Akuyona yonke into ezohamba ngendlela yakho . 

Ngakho ,ngakube uzoqhubeka sihlobo sami umlandele  noma kunjalo ? Okumangazayo ekumlandeleni kwethu  noma kuyehlela noma kuyenyukela sithola ukuthembeka kukaNkulunkulu okungenamkhawulo .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..