... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isidlo NoJesu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 9:10,11 Kwathi ehlezi ekudleni endlini, bheka, kwafika abaningi abathelisi nezoni, bahlala badla noJesu nabafundi bakhe. AbaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?”

Listen to the radio broadcast of

Isidlo NoJesu


Download audio file

Lomcabango wokuthi angifanelwe nguNkulunkulu ,ungumqondo owangibamba iminyaka  ukuzinikela kuYe.Eminingi sihlobo sami! Yebo impela abukho ubuhle engangingaba nabo benele kuYe .Kodwa kukodwa engangingazange ngime ngakho ukuthi indaba ingoJesu phaqa.

Ngicabanga ukuthi mangase uJesu avakashe ngasedolobheni langakithi ,ngingakujabulela ukuzikhipha naye ngiyomupha isidlo sihlale naYe e-Restaurant kumbe eze kwami.Kuhlale kumnandi ukuba sesidlweni nomuntu omkhulu.Ake ucabange ngedolobha langakini  la uhlala khona .Bonke abantu abasebenzela uJesu ,abafundisi nababhishobhi nabaholi bamabandla  nabavangeli –yibona nebala obungababuka befanelwe ukuba sesidlweni noJesu njengomphathi wabo ngokomsebenzi.

 Manje nanguJesu avese abambe ibhanoyi bese avese mayeqeda kwehla kulo angami ,angangeni nakwelilodwa iSonto kumbe ikhaya lomunye wabashumayeli abahle nabanoNkulunkulu.Lutho.

Kunalokho,uvese aye straight ehhotela .Uyabona ngamehlo engqondo leyo-bar ezihlale ziduma kuyo edolobheni langakini .Indawo ehlale inezinkinga ,nakhu phela abantu amehlo esemnyama sekuyakhuzwa sebeshayana ,kugwazwana kunjeyaya ,asisayiphathi ke le yokuthi kunezintokazi ezizodayisa ngento ebizayo kulabobhuti abalahlile la.Le wuhlobo lwendawo ongasoze walokotha ukulubeka olwakho unyawo kuyo ,lingawa licoshwe yizinkukhu .Uyasibona lesithombe manje?

Manje mhlawumbe Mlaleli wami sewuthi ‘ayingeke baba’ ,phela lesisithombe senziwa nguwe nje .Lutho sanhlobo.Ngoba yilapho kanye uJesu ayevamisa ukutholakala khona ,okuyingakho abaholi bezenkolo  besikhathi sakhe babelokhu bemcasukela becikwa yilento yakhe.

NgokukaMathewu 9:10,11 Kwathi ehlezi ekudleni endlini, bheka, kwafika abaningi abathelisi nezoni, bahlala badla noJesu nabafundi bakhe.  AbaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?”

Manje lo ngumbuzo omuhle kakhulu.Kungani?

Mhlawumbe uJesu wayengazele nje izihlakanipho zokomoya.Mhlawumbe Yena  uhlabeka umxhwele kakhulu ngokusondela kubantu abaphansi ,abayizoni ,abanjengami nawe.

UJesu Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge