... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Iwayini Elibomvu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 11:23-26 Ngokuba mina ngakwamukela eNkosini lokho, nenganinika khona, ukuthi: INkosi uJesu, ngalobo busuku akhashelwa ngabo wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.” Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami; lokhu kwenzeni ngezikhathi zonke enisiphuza ngazo ukuba ningikhumbule.” Ngokuba njalo, nxa nidla lesi sinkwa niphuza lesi sitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.

Listen to the radio broadcast of

Iwayini Elibomvu


Download audio file

U-Good Friday. Ngusuku esikhumbula ngalo ukuthi kulesosiphambano ,uJesu wafa ,waphalala igazi ,ukuze inani elalifunwa ngubulungiswa bukaNkulunkulu ngezono zami nezakho ,likhokhwe ngokugcwele . Yilokho kanye okwenza kube nguLwesihlanu oluhle lolu –Good Friday.

Umqondo womnikelo wegazi ,kithina sizukulwane sesimanje kubukeka kuyisihluku esihlasimulisayo lokho .Ngokwesiko lesimanje  sekuphumile emgqeni .Kodwa ezikhathini zakudala kwabe kuyinto efanayo kwizinkolo zonke ,okufaka neyobuJuda . 

Igazi ezibhalweni ,liluphawu lokuphila. Futhi imvamisa iwayini labe  lisetshenziswa ukuveza uphawu lwegazi .Futhi lwaluphinde lube luphawu lobukhosi ukuveza uphawu lwenkululeko .Yingako kuze kube yinamuhla ,izinkomishi ezine zewayini zisaphuzwa ngamaJuda makusuke kuyisidlo sePhasika. 

Futhi kulo-Good Friday sisakhumbula igazi likaJesu ,nanka amagama awasho esidlweni sokugcina sePhasika :

1 KwabaseKhorinte 11:23-26Ngokuba mina ngakwamukela eNkosini lokho, nenganinika khona, ukuthi: INkosi uJesu, ngalobo busuku akhashelwa ngabo wathabatha isinkwa,  wabonga, wasihlephula, wathi:

 “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.”  Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami; lokhu kwenzeni ngezikhathi zonke enisiphuza ngazo ukuba ningikhumbule.”  Ngokuba njalo, nxa nidla lesi sinkwa niphuza lesi sitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.

Isethembiso saKhe kuwe ,isivumelwane saKhe esingaklayeki ,ngukuthi uma ubeka wonke amathemba akho kwakwenzela khona esiphambanweni ,usuthethelelwe .Usunesipho sokuphila okuphakade .Sihlobo sami ,igazi laKhe laphalala ngenxa yakho .Wakufela ,ukukhokhela izono zakho ,ukuze ukhululwe . 

Yiwona  Good Friday lowo .Yebo uLwesihlanu oluhle kakhulu .

Futhi …Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..