... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukulalela Ungaphazamisi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 18:1,2 Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso,uphika konke ukuhlakanipha ,kungekho ukuqonda . Isiwula asithokozi ngokuqonda ,kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yakhe .

Listen to the radio broadcast of

Ukulalela Ungaphazamisi


Download audio file

Sewake waba seqoqweni labantu lakhona okugcina umuntu oyedwa ,ogcina sekungathi nguye okhaliphe ukunedlula nonke ? Ebese uyazibuza ukuthi kaze yini le emenze waba ngokhaliphile kunani nonke layindlini?

Masingaphonsisi ,abanye abantu bakhaliphile ngokwemvelo kunabanye . Kodwa abanye abantu abakhaliphile nabahle ngokomqondo kuyenzeka uthole ukuthi  abamcabangeli omunye umuntu . Uyabazi abantu abanjalo ,Futhi akuthathi sikhathi ukufika esiphethweni sokubona ukuthi noma bengakhalipha kangaka hle hle bayiziwula . Kungani lokho ? Nakhu la kukhona :

Izaga  18:1,2 Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso,uphika konke ukuhlakanipha ,kungekho ukuqonda .

Isiwula asithokozi ngokuqonda ,kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yakhe .

Nanso ke la ilele khona ,labobantu abagcina beyiziwula ,ngabantu abangafuni ukulalela abanye abantu bezwe imiqondo yabo ,abangafuni ukuthatha izeleluko zabanye abantu . Bawuhlobo lwabantu abafuna ukukhuluma bengalaleli – Ngiqonde mina ukulalela ngeqiniso ,ukwazi ukuzwa kahle isimo akhuluma eqhamuka kuso lo okhulumayo .

Ngiyazi ngoba nami nganginjalo ,ngangikhuluma ngaphandle kokulalela. Kahle hle ngangiye ngithule kuphela ngokude ngenxa yokuthi ngangisuke ngihlaziya ngeqondo enye inkulumo engizoqhubeka ngiyisho ayingoba ngilalele lo okhulumayo kulelogebe.

Kodwa ngaba noMciji owangicija ukuthi umuntu okhaliphile kakhulu endlini yilo ofunda okuningi kwabanye ethule . Futhi kwakuliqiniso  le mentor eyangifundisa khona .Kuyamangaza izinto ozifundayo mawuthule ulalele!! 

I-trick la isekulaleni ungaphazamisi ,Ufunde ukuzwa olunye uvo nomqondo walomuntu olushoyo ,izindlela ezehlukene zokwenza izinto . Ezinye zazo zisuke zizinhle ngokungcono kakhulu kunalokhu ebesingakuphupha thina .

Lalela .Ufunde kwabanye abantu .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..