... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukunqoba Ukwesaba

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 41:13 Ngokuba yimina uJehova uNkulunkulu wakho obamba isandla sakho sokunene ,nothi kuwe ,ungesabi mina ngiyakusiza.

Listen to the radio broadcast of

Ukunqoba Ukwesaba


Download audio file

Isikhathi esinzima sokubhekana nokwesaba  ,ngicabanga ukuthi yila khona into eyimbangela yakho iyisenzo esenziwe yithina.Lakhona ukwehluleka  kwethu ,isono sethu ,sidale isimo esisifake ekwesabeni .

Yebo nebala ,ngicabanga ukuthi lezokhathi zingezinzima ngokwedlulele ,lakhona uma sazi  ngokungangabazi ukuthi lengqinamba esikuyo sizifake thina kuyona .Ngoba  ngeqiniso kukulezokhathi kanye ukulindela kwethu ukungenelela kukaNkulunkulu  kusezingeni eliphansi .Ngiqinisile ngalokho? 

Manje phela angithi yiphutha lami .Kungani sekuzomele uNkulunkulu angenelele manje ? 

Abantu bakaNkulunkulu ekugcineni bafika ezweni lesethembiso ,izwe elichichima uju nezinyosi .Kodwa bakhetha ukukhonza abanye onkulunkulu ,ngakho kwaya ngokuya waphelelwa wukubabekezelela ,waphetha ngokuthumela amaBhabhiloni ezodiliza iJerusalema ,

aliqothula phansi ithempeli ezisekelweni  qede  athatha abantu balo abayisa ekuthunjweni bayoba yizigqila .

Kwakuyicala likabani ? Elabo,angithi?! Kodwa esikhathini esifanele –kuqaphele lokho ,yebo impela esikhathini esihle ,esikhathini sikaNkulunkulu  – uJehova wabonakala .Yebo nebala ,kwaba yisikhathi eside ,izizukulwane ezintathu zisekudingisweni  njengezigqila.Kodwa khumbula ukuthi ,isikhathi sikaNkulunkulu sihlale siyisikhathi esi perfect .

INkosi yathini kubantu bayo ?

Isaya 41:13 Ngokuba yimina uJehova uNkulunkulu wakho obamba isandla sakho sokunene ,nothi kuwe ,ungesabi mina ngiyakusiza.

Ngisho nala khona owazi kahle kamhlophe ukuthi kube ngenxa yephutha lakho ,ugcwele ukuzisola ,yazi lokhu :esikhathini kanye esifanele /esihle [sikaNkulunkulu] uzozibonakalisa ,uzoyiqondisa indlela yakho ,Uzophelelisa amacebo aKhe nezinhloso zaKhe kuwe nangawe . 

Ngokuba yimina uJehova uNkulunkulu wakho obamba isandla sakho sokunene ,nothi kuwe , ‘ungesabi mina ngiyakusiza.’

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..